UMalema uthi i-EFF izimisele ngokunikeza uRamaphosa ithuba

2018-02-19 12:35

Cape Town - Umholi we-EFF uJulius Malema ugibele ebhokisini ePhalamende ngesikhathi kuqhubeka inkulumompikiswano mayelana nenkulumo ebhekiswe esizweni yangoLwesihlanu eyethulwa nguMengameli omusha wezwe uCyril Ramaphosa.

Ngesikhathi ekhuluma uMalema ubelokhu ezwakala ethi "mengameli wami" ebhekise kuRamaphosa.

URamaphosa ubonakale ehlanganisa izandla wabe esenqekuzisa ikhanda, wamamatheka ngesikhathi uMalema embingelela.

"Sizimisele ngokukunikeza ithuba. Sikunikeza ithuba kuphela ngoba awukaze utholakale unecala lokuphambana nomthetho. Izephulamthetho asizincengi," kusho uMalema.

OLUNYE UDABA: UMengameli Zuma ngeke umshayele uDisemba ephethe - Malema

Ube esexwayisa uRamaphosa ukuthi njengoba ebekwe kulesi sikhundla akuso akusho ukuthi usengcono kunabanye abantu.

"Awuyona inkosi, ngakho kumele uziphathe njengomholi bese usebenzela abantu," esho.

UMalema uqhube ngokuthi uma kukhona umuntu omelene nokubuyiselwa komhlaba kubanikazi bawo, lowo muntu akehlukile nesitha sabantu. "Lolu daba luvusa imizwa," esho.

UMalema ube esekhuluma ebhekise kumholi we-DA uMmusi Maimane wathi: "Ngifuna ukumxwayisa ukuthi ukuqhubeka kwabo baphathe komasipala abakhulu kuncike ekutheni bangakoluphi uhlangothi mayelana nodaba lomhlaba."

Ngaphambilini kusukume uMaimane wathi uRamaphosa kuzomele aqale manje akhuculule iKhabhinethi ngokuthi afake amasondo kongqongqoshe abathile.

Ube esebagagula ngamagama:

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.