UMalema uthi uma kungaqiniswa ezokuphepha uzoya emngcwabeni kaMagaqa

2017-09-06 11:00

Durban – Umholi we-EFF uJulius Malema ngoLwesibili uthe uzoya emngcwabeni kalowo owayengunobhala jikelele we-ANC Youth League (ANCYL) uSindiso Magaqa uma kuzoqinisekiswa ukuthi ezokuphepha ziqinile ukuqinisekisa ukuthi impilo yakhe ayithathwa ngabantu abomele igazi.

Esitatimendeni, uMalema uthe usanda kuphuthwa wumngcwabo ngenxa yokuba sengcupheni kwempilo yakhe.

UMalema uthi abakwesabi ukufa kodwa abafuni ukufa ngezandla zabantu abomele igazi.

Uthi ufuna ukuya emngcwabeni ukuyohlonipha okokugcina uMagaqa ukuze naye ezothola ukuthula emoyweni wakhe kulandela ubuhlungu adlule kubona ngokuthola lezi zindaba.

UMalema uthe ubebuya emhlanganweni ngesikhathi ethola izindaba zokushona kukaMagaqa.

OLUNYE UDABA: Uvulelwe icalalokweba umfundi owanikezwa u-R14m ngephutha

"Ngehlulekile ukubamba izinyembezi ebezilokhu zehle njalo ngobuso bami. Ngagcina ukuzizwa ngale ndlela ngesikhathi kushona umama.”

UMalema uthi ushaqekile ethola isimemo sokuba afike emngcwabeni ebesiphuma kwi-ANCYL KwaZulu-Natal.

"Angazi ukuthi kuyahambisana yini nosiko lwethu ukumenywa kwabantu emingcwabeni.”

Unobhala jikelele we-ANCYL uNjabulo Nzuza utshele iNews24 ukuthi azikho izimemo zomngcwabo abazikhiphile.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.