UMalema uthi umsulwa ummeli wakhe 'owadubula' izisebenzi

2017-06-28 09:32

Lebowakgomo – Umholi we-EFF uJulius Malema uzohlangana nabasepulazini ukuthola ukuthi yini eyadala ukungaboni ngaso linye phakathi kwabasebenzi nommeli wakhe.

Ummeli wakhe, uTumi Mokoena, usolwa ngokuzama ukubulala, ngemuva kokuba ‘edubule’ walimaza abasebenzi abane basepulazini. Uthi wayezivikela.

UMokoena udedelwe ngebheyili ka-R10 000 yiNkantolo yeMantshi eThabamoopo ngoLwesibili ekuseni.

Ngesikhathi kulalelwe isicelo sebheyili, uMokoena, esitatimendeni esifungelwe, uthe wadubula ngemuva kokuba ezwe abasebenzi – ababehlome ngamatshe nangezinduku – bethi abamfuni kuleya ndawo.

UMalema, obekhona enkantolo ukuzokweseka uMokoena, uthe uzohlangana nabasebenzi ukuthola ukuthi yini eyabangela ukungezwani.

OLUNYE UDABA: Kuphenywa ngesidumbu sowesimame esitholakale oPhondweni

Ekhuluma nezintatheli ngaphandle kwenkantolo, uMalema uthe kubeyishwa okwenzakele ngoba “njengabantu abamnyama kumele sifunde izindlela zokuxazulula noma ngabe yibuphi ubunzima, ngendlela enokuthula.”

"Sikholelwa ukuthi uMokoena umsulwa futhi lokho kuzovezwa enkantolo, futhi siyazethemba kakhulu izinkantolo zethu,” kusho uMalema.

Khonamanjalo, iFood and Allied Workers Union eLimpopo ithe idumele ngokudedelwa kukaMokoena ngebheyili ngoLwesibili.

UMokoena uzophinde avele enkantolo ngo-Agasti 25.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.