UMalema uthi uZuma ulinde kudlule umngcwabo bese exosha uGordhan

2017-03-29 07:50

Cape Town – Umholi we-EFF uJulius Malema ngoLwesibili ubhale ku-Twitter ukuthi uNgqongqoshe wezeziMali uPravin Gordhan uzoxoshwa kungene uBrian Molefe esikhundleni sakhe, ngemuva komngcwabo weqhawe lomzabalazo u-Ahmed Kathrada ngoLwesithathu.

UPravin Gordhan kanye nephini lakhe uMcebisi Jonas bayalelwe nguMengameli Jacob Zuma ukuba babuyele kuleli ngesikhathi besohambeni lamazwe, beheha abatshalizimali, nokuyisinqumo esisuse ukuqagula ngekusasa likaGordhan.

Ku-Twitter, uMalema uthe unobhala jikelele we-ANC uGwede Mantashe usemazisile uGordhan ukuthi isikhundla sakhe sizothathwa uMolefe.

“U-PG (Pravin Gordhan) no-MJ (Mcebisi Jonas) bazogudlulwa ezikhundleni; i-top six iyalihlonipha ilungelo likaZuma lokuqoka nokuxosha oNgqongqoshe,” kusho uMalema kuTwitter.

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa aphenya ngokubulawa kona-19 ePaarl

“Amahlebenzi athi laba bazoxoshwa kusasa ebusuku (ngoLwesithathu), ngemuva komngcwabo kaMalume uKathy. U-JZ (Jacob Zuma) uzokwenza isiqiniseko sokuthi umngcwabo awuphendulwa inkundla yokumhlasela.”

UMalema akashongo ukuthi uyithole kuphi le mininingwane. Nokhulumela le nhlangano uMbuyiseni Ndlozi akatholakalanga ukuba aphawule.

NgoLwesibili ntambama, uGordhan utshele izintatheli ukuthi usanguNgqongqoshe ngesikhathi ephuma enkantolo eGoli.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.