UMalema wethulele abaseMarikana isigqoko ngabakwenze kwi-ANC

2016-08-16 17:32

Marikana – Umholi we-EFF uJulius Malema wethulele abantu baseMarikana isigqoko ngokugudluza i-ANC ku-ward 26 ngaphansi kukamasipala waseMadibeng, ohlanganisa indawo yaseNkaneng nentamba okwabulawelwa kuyona abavukuzi abangu-34 ngo-2012 bedutshulwa amaphoyisa.

“Sizonibonga ngokuvotela i-EFF njengoba silapha, futhi sizoqinisekisa ukuthi abantu bethu kule-ward bayazithola izindlu, amanzi kanye nogesi. Sizoqinisekisa ukuthi uMasipala waseRustenburg wakhela abantu nemigwaqo,” kusho uMalema etshela izinkumbi zabantu.

Funda nalolu daba: Amabhungu avele enkantolo ngecala lokubulala

UMalema ukhulume kanje ngesikhathi kukhunjulwa isibhicongo saseMarikana.

“Ngizwa abantu bethi uJesu usethelekile ePort Elizabeth. UJesu usethelekile naseRustenburg. Lo masipala, noma ngabe kwenzakalani, ngeke uwele ezandleni ze-ANC. Siyayiqeda kancane kancane i-ANC.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.