Umalumekazi udaphune indlebe yomshana bethathana ngequpha

2017-01-04 18:01

Hammanskraal - Uwudle kabi uKhisimusi uThando Phokane osuculwe umalumekazi wakhe indlebe.

Lokhu kwenzeke ngesikhathi uThando eba nengxabano nomalumekazi wakhe, ovele wadinwa wamhlala ngezinyo endlebeni.

UThando, 20, udinwe uyaveva ngalesi senzo sikamalumekazi wakhe, kubika iDaily Sun.

Le ntokazi ithi yahamba ngempelasonto iyovakashela umngani, uma ebuyela ekhaya, wathola igceke lakubo lingcolile.

"Bengisanda kuhlanzisisa igceke sengibukela umabonakude ngibeke izinyawo edafuleni ngesikhathi kufika umalumekazi wasusa izinyawo zami etafuleni.

OLUNYE UDABA:Usuculwe indlebe unkosikazi wokuqala kubanga amanabukeni

Le ntokazi ithi yamubuza umalumekazi ukuthi kungani engamtsheli kahle ukuthi akasuse izinyawo etafuleni.

Uthi lo mbuzo uvele wamcasula umalumekazi wakhe wamukha ngezimpama.

"Ngazama ukuzivikela ngokuthi ngiziphindiselele, ugogo wazama ukusilamula kodwa wamhlula ngamandla.

"Ungicindezele phansi nokuyilapho angilume khona indlebe waze wakhotha negazi lami."

UThando uphuthunyise esibhedlela saseJubilee lapho abafike bayithunga khona indlebe yakhe bayibuyisela.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Golf Retail Sales Administrator

Southern Peninsula
Global Golf
R8 000.00 - R10 000.00 Per Month

Inbound call centre agent

Western Cape
Full Circle Contact Centre Services (PTY) LTD
R6 500.00 Per Month Per Month

Learning & Development Coordinator

Cape Town
Kelly and Quest Staffing Solutions
R18 000.00 - R19 000.00 Per Month

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.