UMalusi Gigaba kuphela ozokwethula isabelomali kusasa - Buthelezi

2018-02-20 14:03

Cape Town - NguMengameli kuphela ozosho ukuthi uNgqongqoshe wezeziMali uMalusi Gigaba usazoqhubeka yini noma cha nomsebenzi wakhe, kusho iSekela likaNgqonqgoshe wezeziMali uSfiso Buthelezi.

UButhelezi ubephendula imibuzo yezintatheli mayelana nokuthi uGigaba usazoyethula yini inkulumo yesabelomali ka-2018 ngoLwesithathu wangomhlaka-21 Febhuwari.

UGigaba udlulisele umbhobho kuButhelezi ukuze kube nguye ozophendula imibuzo kulandela isithangami sabezindaba sokwethulwa kohlelo iVulekamali, oluhlose ukuthi izakhamuzi zakuleli zikwazi ukufinyelela kahle kwisabelomali.

OLUNYE UDABA:Isiqalile inkulumo mpikiswano ye-SONA ePhalamende

"Yingakho silapha. Kuzoba nenkulumo yesabelomali ezokwethulwa kusasa futhi akekho omunye ozoyethula ngaphandle kukaMalusi Gigaba," kusho uButhelezi.

"Yileyo kuphela imininingwane esinayo. Yilokho kuphela ebesikulungiselela," esho.

UMengameli Cyril Ramaphosa kuzofanele abambe esakhe isithangami sabezindaba mayelana nekusasa longqongqoshe, kuqhuba uButhelezi.

Ngaphambi kokwethulwa kwenkulumo ebhekiswe esizweni ngoLwesihlanu, uGigaba watshela izintatheli ukuthi usemseni kaMengameli.


 - fin24

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.