Umama kaMagaqa uphuthunyiswe esibhedlela ezwa ngokushona kwendodana

2017-09-06 12:34

Durban - Umama kaSindiso Magaqa uphuthunyiswe esibhedlela ngesikhathi ezwa ukuthi indodana yakhe ishonile.

Ngokusho kwesihlobo esikhulumela umndeni, uVuma Magaqa, bashaqekile ngokudlula kwakhe emhlabeni ngoba ubeselulama.

Abezindaba bavakashele ekhaya kubo kaMagaqa lapho abafike baxoxisana khona nesihlobo esikhulumela umndeni ngalolu ngokudlula kwakhe emhlabeni.

Ngokusho kwesihlobo, odokotela bebethi yize ebezolulama, abemancane amathuba okuthi uyophinde ahambe, yize kunjalo, ubelulama kahle ngoba ubesephuma esibhedlela eyothamela ilanga ngaphandle.

OLUNYE UDABA:Kuthiwa kade ayekhala ngokulandelwa uSindiso Magaqa

"Ubesencokola enza amahlaya. Besinethemba ukuthi uzophuma esibhedlela abuyele ekhaya. Sishaqeke kabi ngalokhu okwenzekile," kusho isihlobo.

UMagaqa wadutshulwa amahlandla angu-10 kodwa ubengalimele ngenhla emzimbeni.

Ukugula kuqale phansi ngoLwesihlanu nokuyinto eyawudida kakhulu kumndeni, wabe esedlula emhlabeni ngoMsombuluko ebusuku.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.