Umama kaSfiso Ncwane ubehlaliswe nezihlwele emngcwabeni

2016-12-11 19:00

Durban - Yize bekungubukhazikhazi bodwa emngcwabeni kaSfiso Ncwane, akusiwona wonke umndeni obuphatheke kahle, kubika iSunday Sun.

Uyakhala udadewabo kaSfiso uGugu Ncwane ngokuthi bebehlaliswe emuva nezihlwele emngcwabeni kamfowabo.

Ngokusho kwakhe, bekunabantu abakhethekile abebevumeleke ukuhlala nomfelokazi u-Ayanda kanye nezingane zakhe kanye nomama wakhe.

“Besindawonye esikhumulweni sezindiza siyolanda umzimba kaSfiso, kodwa sithe sifika enkundleni yaseMoses Mabhida, onogada basinqabela ukuba sihlale no-Ayanda basikhomba ngemuva.

“Banqabe ngisho sesibachazela ukuthi singamalungu omndeni asondelene nomufi, kodwa kwathiwa asiyohlala nomphakathi.”

OLUNYE UDABA:Umngcwabo kaSfiso Ncwane uzosakazwa eziteshini ezine zikamabonakude

Akusikho lokhu kuphela okukhalisa abantu ngokwenzeke kulo mgcwabo.

Iphephabhuku uDrum, lifake isithombe ezinkundleni lapho kubonakale izingane zikaSfiso ezintathu zihleli etekisini eduze kwaseSasol Garage zilinde ukuba kufike umzimba kababa wazo.

Ngisho sekubizwa izingane, lezi zingane azibonakalange esiteji nabafowabo ababili.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.