Umama kaSfiso Ncwane ufuna umbiko wokuhlolwa kwesidumbu sendodana yakhe

2017-02-09 11:01
u-Ayanda Ncwane efika kwinkonzo yomyeni wakhe

u-Ayanda Ncwane efika kwinkonzo yomyeni wakhe (Nonkululeko Nhlapo)

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Durban - "Sekungicacele ukuthi u-Ayanda unesandla ekushoneni kwendodana yami, sengimncenge ngaze ngakhathala ukuthi angikhombise umbiko kadokotela wokuhlolwa kwesidumbu sayo," usho kanje uNkz Fikile Ncwane ongunina kaSfiso Ncwane.

ILANGA libe nengxoxo ekhethekile noNkz Ncwane oveze ukuthi ngeke akuthole ukuphumula emphefumulweni engakawutholi umbiko kadokotela wokuhlolwa kwesidumbu sendodana yakhe.

Uthi ukubaleka kwenkosikazi kaSfiso, u-Ayanda Ncwane, ingaziphenduli izingcingo zakhe sekwenze zaqina izinsolo zakhe zokuthi iyathinteka ekushoneni komyeni wayo.

"Namanje ngisazibuza ngiyaziphendula ukuthi amasi amenzela wona ngezinsuku zakhe zokugcina uSfiso wayewafakeni," kusho uNkz Ncwane.

Uthi u-Ayanda akasalubambi ucingo lwakhe uma emfonela selokho bagcinana emngcwabeni kaSfiso ethembise ukuthi uzomnika umbiko kadokotela omayelana nokuhlolwa kwesidumbu.

OLUNYE UDABA:‘Akuyona imfihlo ukuthi uSfiso Ncwane wathwala ngathi’

"Angifuni kube sengathi ngithanda ukukhuluma noma ngilandelana no-Ayanda kodwa ngicela angikhombise umbiko wokushona kwendodana yami. Yileyo kuphela into eyongixolisa emoyeni wami.”

Imizamo yeLANGA yokuthola u-Ayanda kayiphumelelanga, ucingo lwakhe belukhala lodwa lungaphendulwa. Ushayelwe izikhathi eziningi kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.

Umama kaSfiso uphinde wakhala ngengubo yokuzila egqokwa u-Ayanda kanye nokuthi akazigundanga zonke izinwele ngemuva kokushona komyeni wakhe, njengosiko lwakwaNcwane.

Ungoti wezamasiko, uDkt Gugu Mazibuko wase-University of KwaZulu-Natal (UKZN) uthi: "Ngokomthetho umakoti oshonelwe yindoda ugundwa ngabasemzini nengubo yokuzila uyithungelwa yibona. Nokho konke lokhu kuwumkhuba, kakulona isiko. Okubalulekile wukuthi u-Ayanda uyizilele indoda yakhe."

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.