Umama nesoka lakhe babhekene nelokuzama ukubulala ingane,4,

2018-03-09 09:30

Durban – Amaphoyisa asePhoenix aphenya icala lokuzama ukubulala ngemuva kokuputshuka kwe-video ebonisa owesimame oneminyaka engu-25 eshaya ingane.

Kule video lo mama ushaya indodakazi yakhe eneminyaka emine ubudala, eyalelwa yisoka lakhe.

Okhulumela amaphoyisa uNqobile Gwala utshele abeNews24 ngoLwesine ukuthi lo mama kanye nesoka lakhe elineminyaka engu-20 ubudala baqale babekwa icala lokushaya ngenhloso yokulimaza.

"Lelo cala labuye laguqulelwa kwelokuzama ukubulala. Amaphoyisa aphenya udlame lwasekhaya, ukuvikeleka kwezingane kanye namacala ocansi ePhoenix asaphanya,"kusho uGwala.

OLUNYE UDABA:Sitholakale sesonakele isidumbu sobedukile eKZN

Kule video esisabalele ezinkundleni zokuxhumana, lo mama ushaya ingane futhi uze uyishaya ngenqini eyikhahlela futhi eyigxoba uma isilele phansi.

"Kungani ungaye ithoyilethi, kungani? Ngoba likhona nje ithoyilethi futhi usuwenza kahle ngiziqhenya ngawe,"kusho yena ethethisa ingane.

Imilenze yendoda ibibonakala kule video futhi izwakala ithi mtshele ukuthi ngichamele phansi.

Uma isiyophela umama obecasukile uzwakala ebuza isoka ukuthi: "Uyarekhoda na?

Kuthiwa lesi sigameko senzeka ngomhlaka 20 Febhruwari ngo-12h00.

UGwal uthi umama wengane uyena ovule icala uthe bebekubo ePhoenix nendodakazi yakhe kanye nesoka lakhe ngesikhathi kwenzeka lokhu.

Kuthiwa ingane yanyathela isoka ngephutha.

"Yilapho aqale khona ukushaya ingane waze wayifaka ekhabetheni, kuthiwa isoka lasabisa ngokumshaya umama wengane uma engayishayi ingane yakhe,"kusho uGwala.

Yilapho-ke lomama washaya le ngane yaze yaqulela.

Ingane yaphuthunyiswa emtholampilo yafike yadluliselwa esibhedlela.

Bobabili umama wengane nesoka lakhe bavele eNkantolo kaMantshi eVerulema ngomhlaka 1 kwephezulu bakhishwa ngebheyili ka-R3000 umuntu emunye.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.