Umama udlwengulwe amahora amane etekisini, phambi kwendodana yakhe

2017-03-23 14:02

Johannesburg - Kuthiwa owesimame waseGoli udlwengulwe esihlalweni esingemuva etekisini isikhathi esingangamahora amane kukhona nendodana yakhe eneminyaka eyishumi ubudala phakathi.

Ngokwemibiko we-Eyewitness News ngeSonto, lo wesimame ugibele etekisini ku-Ontdekkers Road wakhonjwa ngesibhamu amadoda amathathu afike amdlwengula ase ethatha ikhadi lakhe lasebhange afuna inombolo yakhe eyiimfihlo, ase eyokhipha imali yakhe.

Lo wesimame uchaze ngendlela la madoda atshele ngayo indodana yakhe ukuba ilale phansi etekisini ibheke phansi bebe bemdlwengula esihlalweni esingemuva.

“Bengilokhu ngithandaza sonke lesi sikhathi ukuba bangayithinti indodana yami,” kusho lo mama.

OLUNYE UDABA:Uyavela enkantolo 'owashiya' usana etekisini

Lolu daba lwalo wesimame selwenze abanye besimame baphumele obala ngezigameko ezifanayo zokuhlukumezeka ngokocansi ematekisini.

Amacala amabili afana naleli avulwa ngonyaka odlule esiteshini samaphoyisa eRoodepoort kanti amanye amacala abikwa eSoweto.

Amaphoyisa aseGauteng asahlola amakhamera aku-ATM okukhishwe kuyona imali ukuze kubonakale abasolwa.

Okhulumela amaphoyisa uLungelo Dlamini uthe amaphoyisa asaphenya ngalesi sigameko kodwa bekungakaboshwa muntu kuwo wonke amacala abikwa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.