Umama uhlehlele enganeni ngemoto, yashona

2016-08-10 10:01

Durban – Lizobhekana necala lokubulala ngokungenhloso iphoyisa elisebenza eMsunduzi, eMgungundlovu kulandela ukuhlehlela enganeni yalo ngemoto ngephutha, yashona.

Kuthiwa leli phoyisa beliphuthuma emsebenzini ngoMsomuluko ngesikhathi lilimaza ingane yalo yomfana enezinyanga ezingu-18 ubudala.

Imithombo ithi leli phoyisa lakwaXimba lithwale izandla ekhanda selibona umonakalo owenzekile.

Ingane ibe isiphuhunyiswa emtholampilo wendawo, yase idluliselwa esibhedlela ngenxa yesimo ebikuso,kusho okhulumela abakwa-ER24 uChitra Bodasing.

OLUNYE UDABA: Kushone usana kwalimala 6 kungqubuzana izimoto

“Asiyazi kahle imininingwane ngalesi sigameko, amaphoyisa ayaphenya,” esho.

Lengane igcine ishonele esibhedlela ngenxa yokulimala ekutholile.

“Kuzothatha isikhathi ukuthi iphoyisa lidlulise okwenzekile, kubuhlungu ukuthi kube nguwe olimaza ingane yakho igcine ngokushona,” kusho umthombo.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala usiqinisekisile lesi sigameko.

 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.