Umama wengane eyabulwa unethemba lokuthi uzobeletha esephumile ejele

2017-08-17 11:04

Cape Town - Owesilisa waseKapa osolwa ngokudlwengula nokubulala umfana onezinyanga ezingu-18 ubudala uzophinde achithe elinye isonto esezikhindini ngemuva kokuba sihlehlisiwe isicelo sebheyili ngoLwesithathu.

U-Ameer Peters‚ osolwa ngokubulala uJeremiah Ruiters ngoJuni 12‚ kanye no-Abigail Ruiters‚ osolwa ngokwephula umthetho wezingane  ngokushiya kwakhe ingane inganakiwe, bebebukeka bekujabulela ukubona imindeni yabo eNkantolo kaMantshi eKapa.

Kodwa izihlobo ebezizokweseka uPeters bezingaphansi kwalezo ebezize ngoRuiters, okungamalungu omndeni, omakhelwane kanye nabangani ebebethi uPeters uzobulawa uma eke waphuma ejele waya eKensington lapho abehlala khona noRuiters.

OLUNYE UDABA: Umisiwe uthisha 'owaphoqa' abafundi ukuba balwe

URuiters ulindele ingane yakhe yokuqala noPeters ngoSepthemba njengoba ekhulelwe kanti abazali bakhe banethemba lokuthi uzobe esengaphandle ngebheyili uma sekufika isikhathi sokubeletha.

Umfowabo uJonathan‚ 25‚ uthe Ruiters uphatheke kahle kanti futhi useqala nokukhuluphala ejele.

“Uzizwa engcono ngoba uthola ukwesekwa umphakathi kanye nomndeni,” kusho uJonathan.

Ukulalelwa kwesicelo sebheyili kulindeleke kuqhubeke ngo-Agasti 25, kubika iSowetan Live.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.