UMama Winnie ubulawe wubuhlungu benhliziyo, kusho osondelene nomndeni

2018-04-06 14:00

Umngani womndeni kamama Winnie Madikizela-Mandela ahlangana naye ngesikhathi leli qhawe lomzabalazo lidingiselwe eBrandfort ngo-1977, ukholelwa ekutheni uMadikizela-Mandela ubulawe wubuhlungu benhliziyo.

"Ngikholelwa ekutheni ubulawe wubuhlungu benhliziyo. Kungenzeka ukuthi ezinye zezinto ezenzekayo manje zibe nomthelela esimweni sakhe sezempilo.

"Kwenzeka esifanayo naku-Ahmed Kathrada. Laba ngabantu abahlukumezeka belwela inkululeko yezwe, kanti kuyabakhathaza ukubona umsebenzi wabo onzima ucekelwa phansi ngale ndlela," kusho uDisco "Oupa" Mothekhe, 60, obelandisa ngesikhathi asichitha noMadikizela-Mandela kuleli dolobha elincane eliseFree State.

"Wafika lapha ngabo-1977 wahlala kwaze kwaba ngu-1987, okungunyaka ahamba ngawo. Efika la kwakukhona amaphoyisa ayemqaphile kanjalo nabantu ababemvakashela.

"Kunegquma elikhona laphaya okuthi uma umi kulo ubona yonke into eyenzeka emphakathini.

"Babehlala lapho-ke befake izipopolo."

OLUNYE UDABA: UWinnie ubefana nomama kimi - Lindiwe Sisulu

UMadikizela-Mandela nezingane zakhe uZindzi noZenani, bafudukiselwa kulo muzi oseBrandfort ngo-1977.

Le ndlu, okwakumele iguqulwe yenziwe indawo yokugcina amagugu eminyakeni eyishumi eyedlule, isiphenduke isizinda sabaqwayizi, abadayisi bezidakamizwa kanti kunemibiko eminingi ethi kukhona nabadlwengulelwa kuyo.

UMadikizela-Mandela udlule emhlabeni ngoMsombuluko eMilpark Hospital ngemuva kokuxinwa wukugula isikhathi eside.

Ubeneminyaka engu-81 ubudala.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.