Umama wosana ungomunye wabasolwa ababoshiwe

2017-03-12 08:32

Durban – Lowo okhulumela uKhomishana wamaPhoyisa obambile uKhomotso Phahlane, u-Athlenda Mathe, uveze ukuthi umama ungomunye wabasolwa ababoshiwe kulandela ukutholakala kosana obeluthunjiwe.

UMathe ukhulume kuMorning Live wathi ngeshwa, umama ungomunye wabasolwa.

‘Ngeshwa umama ungomunye wabasolwa, kepha ngeke ngikwazi ukwenaba kabanzi okwamanje,” esho.

Usana uSiwaphiwe Mbambo wathunjwa ngesikhathi unina edunwa imoto eGame City.

“Usana lutholakale luphila kanti sekuboshwe abasolwa,” kusho uKyle Reenen weMarshall Security.

OLUNYE UDABA: Lutholakale luphila usana olwathunjwa eThekwini

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane uqinisekise kwabeTimesLive ukuthi le ngane itholakale phakathi kwamabili eMariannhill Toll Plaza.

Ngokusho kukaZwane, kumiswe imoto ebisolisa yase iyaseshwa, kwatholakala lolu sana phakathi.

Abasolwa bazobhekana namacala okuthumba kanye namanye.

NgoMgqibelo ntambama, ubaba wengane uFelokwakhe Mbambo uthe ukhathazeke ngale ndlela yokuthi ukudla akungeni kusukela kwaduka ingane.

"Sikhulekela ukuthi ingane ibuye iphephile. Umphakathi uyaseseka kakhulu ngoba awupheli kwami uzozwa ngalokhu okusehlele,” esho ngoMgqibelo.

Amaphoyisa amemezele ukuthi kukhishwe umehlokaboni ka-R250 000 kozoba nolwazi olungaholela ekutheni le ngane itholakale iphephile.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.