UManamela uzwakalise ukujabula kulandela ukuphela kwesiteleka e-DUT

2018-03-02 17:59

Johannesburg - ISekela likaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme uButi Manamela ngoLwesihlanu wamukele izindaba ezinhle zokubuyela emsebenzini kwabasebenzi benyuvesi i-Durban University of Technology kulandela isiteleka esidonse amasonto ayisikhombisa.

Abasebenzi bakule nyuvesi abangaphansi kwenyunyana iNational Education Health and Allied Workers Union (Nehawu) bebetelekile befuna ukukhushulelwa amaholo.

Njengoba bekuqhubeka lesi siteleka, ukufunda nokufundisa bekumile kusukela kuqale unyaka.

OLUNYE UDABA:Siphelile isiteleka sabasebenzi base-DUT, kodwa izingxoxo ziyaqhubeka

Ngesikhathi kuqhubeka unmhlangano ngoLwesithathu, zonke izinhlaka zivumelane ngokuba ziphinde zixoxisane ngalolu daba, uManamela wabe esebamba umhlangano neziphathimandla zenyuvesi kanjalo nezinyunyana iNehawu neFederation of Unions of South Africa.

"Ngithokozile futhi ngikhululekile ngokuthi i-DUT isizowuqala unyaka wezemfundo ka-2018," kusho uManamela.

UManamela ube esebonga zonke izinhlaka ngokubeka phambili abafundi nabasebenzi ekufinyeleleni esivumelelwaneni. Uphinde wanxusa ukuba abafundi babuyele esikoleni bayokwenza izifundo zabo basebenzele ukuthola iziqu zabo.

 - Twitter:

 - ANA



Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.