UManana uthi izinsolo zakamuva imizamo yokumcekela phansi

2018-05-08 11:13

Johannesburg - Owalahlwa yicala lokushaya owesifazane futhi owayeyiPhini likaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme uMduduzi Manana ukholwa wukuthi kunomkhankaso wokucekela igama lakhe phansi kulandela izinsolo zokuhlukumeza umsizi wasendlini yakhe.

UManana ukuphikile ukugxaza nokudusha uChristine Wiro, oqale ukumsebenzela emasontweni amabili edlule.

Uthe yize kunjalo, ubelindele isivakashi ngeSonto ngesikhathi kuqubuka izinsolo zokushaya.

OLUNYE UDABA:Lihoxisiwe icala likaManana lokushaya owesifazane

"Ngamutshela izikhawu ezintathu ukuthi angabovulela abantu isango nesicabha ngaphandle kokuqinisekisa kimi kuqala. Ngangilindele isivakasho ngeSonto ekuseni ngabe sengicasuka ngesikhathi esevulela umuntu engingamazi isango.

"Njengazo zonke izisebenzi, ngibeke umthetho ukuba angangenisi umuntu esangweni nasemnyango," kusho uManana.

Ebuzwa ukuthi ngabe umshayile uWiro njengokusho kwecala elivulwe esiteshini samaphoyisa aseDouglasdale kodwa eselihocisiwe, uManana uthe, "Cha".

"Ngicabanga ukuthi imizamo yokucekela phansi igama lami."

Umanana uthe akafuni umsizi wakhe wasendlini avulele noma ngubani isango nesicabha ngoba lokho kuyingozi.

Okhulumela amaphoyisa aseGauteng uBrigadier Mathapelo Peters uqinisekise ukuthi uWiro ulihoxisile icala.

 - The Star



Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.