UMandela walibala ukujabulela ukuphuma ejele, wakhohlwa abantu - Mugabe

2017-09-04 07:31

Gweru – UMengameli Robert Mugabe uthi uNelson Mandela walibala ukujabulela ukukhululwa kwakhe ejele kunokukhululwa kwabantu kwezomnotho, yingakho namhlanje eNingizimu Afrika zonke izinto zisezandleni zabelungu, umbiko.

UMugabe,93, ukusho lokhu ekhuluma ngesiShona eralini yeqembu lakhe ebibanjalwe eGweru ngoLwesihlanu.

"Okwakubaluleke kakhulu (kuMandela) kwakungukukhululwa kwakhe ejele, akukho okunye. Leyo nkululeko wayijabulela ukwedlula ezinye izinto, waze walibala nokuthi wayeboshelweni,” kusho uMugabe, ngokubika kweNewZimbabwe.com ehumushe inkulumo yakhe.

OLUNYE UDABA: 'Uma wethuka uMugabe ngeke ubusiseke'

UMugabe uthe kunabanye oNgqongqoshe kwiKhabhinethi likaMengameli Jacob Zuma abayibonayo lento eyikhulumayo.

Bekungekhona okokuqala uMugabe egxeka uMandela. Wakhuluma ngaye emasontweni amabili edlule ngesikhathi esemngcwabeni eHarare.

UMugabe wathi uMandela wenza elikhulu iphutha ngokwehluleka ukulungisa indaba yomhlaba eNingizimu Afrika.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.