UMandla Mandela uthumele umyalezo omfushane ngokudlula kukaWinnie

2018-04-03 14:00

Umzukulu omdala kaNelson Mandela, uMandla Mandela, uthumele umyalezo omfushane wokududuza umndeni kaWinnie Madikizela-Mandela kulandela ukudlula kwakhe emhlabeni.

UMadikizela-Mandela ushonele eMilpark Hospital, eGoli, ngoMsombuluko ngemuva kokugula isikhathi eside, kuqinisekisa umndeni. Ubeneminyaka engu-81 ubudala.

UMandla noMadikizela-Mandela bebeyinkukhu nempaka kule minyaka embalwa eyedlule okuyinto eyadalwa wumbango womuzi kaMandela oseQunu.

OLUNYE UDABA: Udlule emhlabeni 'bemkweleta' uMama uWinnie

Kulo myalezo omfushane awuthumele ngoLwesibili, uMandla, njengenhloko yasebukhosini bakwaMandela, uthe: "Sifisa ukudlulisa amazwi enduduzo ngokudlula emhlabeni kuka'Mam Winnie' Winifred Nomzamo Madikizela.

"INingizimu Afrika ililela ukudlula emhlabeni kwengqalabutho yezombusazwe. Sifisela abantwana, abazukulu kanye nomndeni ukuba baqine idolo kulesi sikhathi esinzima kangaka. Umphefumulo wakhe ulale ngokuthula."

Umbango womuzi kaMandela oseQunu waphela ngoJanuwari 2018 ngemuva kokuthi iNkantolo eNkulu yokuDluliswa kwamaCala yanquma ukuthi umhlaba okwakhiwa kuwo lo muzi kumele uye emndenini kaMandela, oholwa nguMandla noGraça Machel, njengokubeka kwencwadi yefa.

UMadikizela-Mandela wayefuna ukuthi lo muzi ubuyele ngakuyena, kepha kwagcina kungenzekanga.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.