Umangalele iBig Brother othi umndeni wakhe awusakwazi ukuhlala ungayibuki

2017-03-22 19:30

Cape Town – Uyanda umsindo ngesizini yakamuva yohlelo iBig Brother njengoba isizini yesibili ye-Big Brother Naija isifakwe enkantolo udokotela waseNigeria okhala ngokuthi yenza umndeni wakhe uhlale uyigqolozele futhi  awukwazi ukuyeka ukuyibuka.

UDkt Olusola Omoju usefake isicelo enkantolo sokuthi uMultiChoice umise ngokushesha ukusakaza iBig Brother Naija kuDStv kanye nakuGOtv ngenxa yokuthi umndeni wakhe awusakwazi nokunyakaza ngenxa yokuthakasela kakhulu lolu hlelo.

Ngokwamaphepha asenkantolo abonwe yiChannel24, udokotela uthi uma kungukuthi iBig Brother Naija iyaqhubeka nokusakazwa, “amandla akhe njengobaba okukhulisa izingane zakhe” azoba sengcupheni, njengoba efuna ukuqinisekisa ukuthi kunezinga eliphezulu lendlela yokuziphatha emzini wakhe.

OLUNYE UDABA: Imibono eyehlukene ngohlelo iBig Brother Mzansi

Uma ngabe lesi sivimbelo sikhishwa yinkantolo, singaphazamisa nabanye ababukeli basezwenikazi i-Afrika, ngale-nje kweNigeria, njengoba iBig Brother Naija isakazwa nakwamanye amazwe ase-Afrika nalapho abalandeli bayo bengaphuthwa yilolu hlelo oluwuchungechunge olukhombisa okwenzeka ngempela.

Ngenyanga eyedlule abantu baseNigeria bebethukuthele beveva kulandela ukuvela “kwemfihlo” yokuthi empeleni iBig Brother Naija ayishuthelwa kuleliya lizwe, kodwa ishuthelwa iNingizimu Afrika futhi kusetshenziswa indlu efanayo nale esetshenziswa uma kushuthwa uhlelo lwakuleli, iBig Brother Mzansi.

Emasontweni amathathu edlule kuphinde kwaba nesinye isigameko sokuhlukumeza ngokocansi ngesikhathi owesilisa ephuthaza waphinde wabambabamba owesifazane ngesikhathi elele, nokwaholela ekutheni axoshwe.

UDkt Omoju ukhala ngokuthi iBig Brother Naija yafakwa kuDStv yakhe ngaphandle kwemvume yakhe.

Uthi yena uzithandela “ezemidlalo, ezenkolo, ezemfundo kanye neziteshi zikaqedisisungu esitholakala ohlelweni lweDStv, kodwa wathi iBig Brother Naija yona igqugquzela ukungaziphathi kahle, ukungabi nasimilo kanye nezenzo zocansi futhi ayihambisani namagugu abantu baseNigeria anothile”.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.