UMashaba uzingelwa amaqembu ase-Afrika

2017-01-21 15:29

Durban – Usephenduke inyama emaqenjini ase-Afrika u-Ephraim “Shakes” Mashaba osanda kukhonjwa indlela yinhlangano eyengamele ibhola kuleli i-SAFA esigqikini sokulolonga iBafana Bafana.

I-SAFA ikhombe indlela uMashaba ngasekuqaleni kwenyanga eyedlule emuva kokuba elahlwe yicala lokuhluleka wukuziphatha, kubika ILANGA.

UMashaba wenqaba ukuxhawula umengameli we-SAFA uDanny Jordaan kubuka izwe lonke emuva kokuba iBafana ihlule iSenengal ngo-2-1 kowokuhlungela ukungena kweyeNdebe yoMhlaba.

UMashaba wazeseka ngokuthi athi izikhulu ze-SAFA zazimcindezela skepha manje sezizomhalalisela.

Labe seliyamlahla icala, yena walidlulisela kwa-CCMA ngenhloso yokuthi abuyiselwe emsebenzini njengoba ekholwa wukuthi uxoshwe ngokungemthetho.

OLUNYE UDABA: Inkakha yeBafana igxeke uShakes Mashaba

Ukhala ngokuthi akazange asithole isexwayiso, kanti i-SAFA yona ithi ilandele konke okufanele yingakho imkhombe indlela.

Leli phephandaba lihletshelw,e yimithombo yalo engashayi eceleni esondelene noMashaba ukuthi kunenqwaba yamaqembu amfunayo lapha e-Afrika.

“UMashaba unqunywe umlomo ukuphawula ngodaba lwakhe ne-SAFA ulinde ukuba luphele bese kuyima eqala enyakaza. Okwamanje uziphumulele ekhaya.

“Engingakutshela khona ukuthi uMashaba ngeke awuswele umsmebenzi kunenqwaba yamaqembu amfunayo ngenxa yerekhodi lakhe elihle kuBafana.

“Phakathi kwawo kubalwa i-Uganda, iZambia neZimbabwe,” kulandisa lo mthombo.

Imizamo yokuthola uMashaba ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe beluvaliwe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.