UMashamaite uthi ingamampunge eyokuthi ubuyela kuChiefs

2016-07-12 14:33

Johannesburg – Lowo owayengukaputeni weKaizer Chiefs uTefu Mashamaite useyiphebezile imibiko emkhomba kuMakhosi, wathi leyo mibiko ingamampunge, kubika iPhakaaathi.

Sekubikwe kaningana kula masonto ambalwa edlule ukuthi uMashamaite “usekhumbule ekhaya”.

Nokho u”Masha” uthi akaze axoxisane namuntu, ngisho nomqeqeshi weChiefs uSteve Komphela imbala.

OLUNYE UDABA: Ngijabule kakhulu la ngikhona - Mashamaite

“Le mibiko ngiyibone ngempelasonto ngesikhathi ngifika ekhaya. Bekunombiko othi ngihlangane nomqeqeshi weChiefs ngoba nginesifiso sokukubuyela kuMakhosi.

“Engikwaziyo mina ngisengumdlali we-BK Hacken, okuyilona qembu lami,” esho etshela iPowerFM.

Lo mdlali kuzokhumbuleka ukuthi akahambanga kahle kuMakhosi njengoba aveza ukuthi yena nezikhulu zeqembu “baxatshaniswa” yimali.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.