UMasipala waKwaDukuza nohlelo lwamamitha okupaka edolobheni

2017-10-24 18:01

eThekwini - Bayakhala abashayeli bezimoto edolobheni KwaDukuza njengoba lo masipala wethule uhlelo lokukhokhisa abashayeli bezimoto uma bepaka edolobheni.

Yize kunjalo iziphathimandla zalo masipala zithi lolu wuhlelo oluhle kakhulu futhi luzoqeda ubugebengu, luthuthukise nentsha ngamathuba omsebenzi.

Lo masipala uhlanganyele nenkampani iVusa Isipho & Trading Enterprise bathule imishini eseqophelweni eliphezulu, ezokwazi ukukhokhisa abantu uma befuna ukupaka phakathi edolobheni.

Lolu hlelo luzoqala ukusebenza ngomhlaka-1 Novemba kuwo lo nyaka

UMhlengi Shandu oyilungu lomphakathi uthe baluthokozele kakhulu lolu hlelo futhi bafuna ukulubona lusebenza futhi luqeda ubugebengu njengokusho kukamasipala.

OLUNYE UDABA:Kushone abashayeli ababili kungqubuzana amaloli

Kulindeleke ukuthi kuqashwe abantu abalinganiselwa ku-60 uma seluqala ukusebenza lolu hlelo.  

Ngokusho kwalo masipala maningi amadolobha asebenzisa lolu hlelo ngakho-ke akumangazi ukuthi nabo balusungule. 

IMeya yaKwaDukuza uRicardo Mthembu uthe vele beyilindele imibono ezovela kubantu, kodwa okubalulekile ukuba khona koshintsho edolobheni ukuze kuvuleke amathuba emisebenzi.

“Siyazi ukuthi abanye abantu ngeke balwamukel ngezandla zombili uguquko kodwa sizoluqhuba ngoba kubalulekile ukuthi lwenzeke kuleli dolobha, nobugebengu siyathemba buzokwehla kanti futhi nabantu bazothola imisebenzi," kusho uMthembu.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.