UMasipala waseMthonjaneni uvule ngokusemthethweni izakhiwo zomphakathi

2018-02-22 18:01

EThekwini - Umphakathi uphume ngobuningi bawo ukuzozibonela ubuholi bukaMasipala waseMthonjaneni uvula ngokusemthethweni izakhiwo ezizosetshenziswa wumphakathi.

Iningi lalezi zakhiwo zaqala ukwakhiwa wuMasipala waseNtambanana ngaphambi kokuba uhlakazwe ngo-Agasti wangonyaka odlule.

Lo masipala wahlakazwa waphela kanti wonke amawadi akhona nawo umsebenzi wawo wafakwa ngaphansi kukaMasipala uMthonjaneni.

Kusukela ngoLwesine, lo masipala uzohambela ezindaweni ezahlukahlukene uvula izakhiwo zomphakathi. Esokuqala isakhiwo esinikelelwe emphakathini yinkulisa ekuWadi 12, oVeceni.

Ezinye izakhiwo ezizonikelwa emphakathini kulezi zinsuku ezimbalwa ezizayo kubalwa kuzo ihholo lomphakathi kanye nenkundla yezemidlalo.

Yize lesi kuyisenzo esihle esenziwe wuhulumeni wakule ndawo, kukhona abebengeneme ngalokhu bavala umgwaqo ongenela kuWadi 7 ngaphambi kokuba ubuholi bukamasipala budlulele khona ukuyovula ngokusemthethweni ihholo lomphakathi elikuWadi 9.

Amalungu omphakathi asakaze izingodo emgwaqeni ekhala ngokuthi akusiwona wonke amawadi afakwe ngaphansi kukaMasipala waseMthonjaneni kanti lokhu kubeka izakhamuzi enkingena yokungatholi izinsiza zikahulumeni.

Ilungu lomphakathi, uNkosikhona Cele, ohlala kuWadi 7 utshele abeZindaba24 ukuthi ziningi izinto abazidingayo bewumphakathi kodwa kabazi ukuthi bazobiza bani asabele kuphi njengoba bengenalo ngisho ikhansela.

OLUNYE UDABA:Kugxekwa uMasipala waseMzumbe ngezakhiwo ezingawusizi ngalutho umphakathi

“Sibone kungcono sivale umgwaqo sibavimbe bengakaqedi nalokhu abakwenzayo ngoba abafiki kithi uma sinezikhalazo ezidinga ukuxazululwa. Ukufika bezovula amahholo kuhle impela kodwa sizowenzani singakazitholi izidingongqangi ezifana nogesi,” kusho yena.

Amalunga omphakathi akuWadi 7 eMkhakhwini, enyakatho Mpumalanga yeKwaZulu-Natal, abeke izingodo emgaqweni ongenela lapho ebukoyovulwa khona ihholo kabusha kuWadi, iMkhakhwini Community Hall. La malungu omphakathi aveze ukuthukuthela kwawo ngenxa yokuthi athi awanawo ugesi.

Inzima impilo kwizakhamuzi zakule ndawo njengoba ikhansela labo uMthokozisi Mthembu axoshwa ngemuva kokutholakala enecala lokweba imfuyo kanti kulindeleke ukuba agwetshwe ingakapheli le nyanga.

IMeya, uSibonginkosi Biyela, uthe bazizwile izikhalo zezakhamuzi futhi bazozilungisa izinkinga njengoba sebeqalile.

Uthi babhekene nenkulu ingcindezi ngoba kabatholanga mali ngokufakwa kwala mawadi angu-7 ngaphansi kukamasipala wabo kanti basalinde inqwaba yezikweletu zawo okumele zikhokhwe.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.