UMasipala waseRichmond usukhethe iSekela leMeya elisha

2017-08-30 18:01

Durban - UMasipala waseRichmond usuzigcwalisile izikhala zeSekela leMeya kamasipala kanye neMenenja kamasipala ezavuleka ngesikhathi kubulawa ebebekuzona.

Lo masipala ukhethe iKhansela uKhonziwe Mkhize njengeSekela Meya elisha engena ezicathulweni zikaThandazile Phoswa owadutshulwa wabulala ngomhlaka-3 Ephreli ekhaya kubo endaweni yaseNdaleni.

Icala lokubulawa kukaPhoswa lisaqhubeka njengoba isoka lakhe lazinikela emaphoyiseni lathi uPhoswa wazibulala yena ngesibhamu sakhe.

UMkhize wamukelwe ngokusemthethweni kulo masipala ngoLwesithathu emini.

OLUNYE UDABA:Kubulawe iPhini leMeya kumasipala waseKZN

Kusenjalo, ngesonto eledlule, lo masipala waqasha ukhansela AB Mnikathi.

Lo mphathi kamasipala naye ungena esikhundleni sekhansela u-Edward Sibusiso Sithole owadutshulwa wabulwa ngomhlaka-6 Mashi nonyaka.

Ukushona kwakhe kwaholela ekutheni kuqokwe ithimba elikhethekile elizophenya ngesigameko sokubulawa kukaSithole okukholakala ukuthi wahlaselwa ngamadoda amabili ayehamba ngemoto yohlobo lweToyota ebomvu, kodwa kuze kube yimanje kusathe nya ngophenyo.

Kuleli sonto kuqhubeka iKhomishana kaMoerane ephenya ngezigameko zokubulala okuhlobene nezepolitiki KwaZulu-Natal itshelwe ukuthi amakhansela e-ANC eRichmond abulawa ngenxa yokungahambisani nenkohlakalo.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.