UMasipala weTheku nohlelo lweminyaka engu-10 lokonga amanzi

2017-08-08 07:00

Durban - Uhlelo lokongiwa kanye nokulawulwa kamanzi oluhlelelwe iminyaka eyishumi lwethulwe esigungwini esiphezulu kuleli sonto kuMasipala weTheku.

Lolu hlelo lwethulwe yiPhini leMenenja kaMasipala uPhilemon Mashoko.

Lolu hlelo ngokubika kwephephandaba lomphakathi iBerea Mail lo umhlahlandlela ubonisa izinhlelo zalo masipala zokonga amanzi azokwazi ukuphakela umphakathi amanzi kuze kushaye u-2027.

Lolu hlelo lubhekana nezinto ezifana nezokuphepha uma kuphakwa amanzi, imali ezosetshenziswa, ukuhlanzeka kwamanzi izinsiza kusebenza ezidingekayo, isimo samadamu, ukongiwa kwamanzi emvula, ukongiwa kwamanzi, ukulawula ukutshalaliswa kwawo kanye nenqalasizinda ehlelekile.

OLUNYE UDABA:'Amanzi ashisayo anomthelela ekuweni kwenduku!'

UMashoko uthe: “Sizosebenzisa izifundo esizifunde eminyakeni eyishumi eyedlule ukugwema amaphutha kanye nokhulisa izindlela esizosebenza ngazo.”

Lo masipala unezinhlelo ezimbili ezibalulekile. Okukuqala ukwehlisa izinga labantu abadinga amanzi kanye nokwehlisa izinga lokusetshenziswa kwamanzi.

Leli Phini likaMenenja lithi bahlele ukwehlisa izinga lamanzi achitheka engasebenzile ngenxa yokuqhuma kanye nokuvuza kwamapayipi. Uthi leli zinga liku-30% okwamanje kanti bazolehlisa lihlale ku-17% ngo-2027. Uthi izinhlelo zokuthuthwa kwamanzi ngamaloli nazo kumele zehle ngamaphesenti amahlanu kule minyaka emihlanu ezayo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.