UMasipala weTheku uyaphenya ngolukakhaphethi wezindodla kuMkhosi woMhlanga

2017-09-11 17:59

Durban – Abaholi bakaMasipala waseThekwini bacela umbiko mayelana nokhaphethe wemali engu-R500 000 owahanjiswa ntambama ngempelasonto yoMkhosi woMhlanga, KwaNongoma, KwaZulu-Natal.

Izintombi zasezidazweni ezingaphansi kukaMasipala weTheku kubikwa ukuthi zazithukuthele zithelwa ngamanzi kulandela ukufika kukakhaphethi ongagculisi ezazinikwe wona ukuba ziphumule kubo.

Zazitshelwe ukuthi zizonikezwa ukhaphethi osezingeni eliphezulu ukuze zikwazi ukuwundlala phansi etendeni ezazizolala kulo.

OLUNYE UDABA:IZITHOMBE: Uqhubeka ngokohlelo uMkhosi woMhlanga

Yize kunjalo, izintombi zanikwa ukhaphethi ongagculisi ngoMgqibelo ekuseni kanti ezinye zazo zawunqaba.

Okhulumela iMeya yeTheku uZandile Gumede, uMthunzi Gumede, ukhulume ngoMsombuluko wathib umasipala uyaluphenya udaba lukakhaphethi.

"IMeya, uMam'Gumede, icele umbiko ovela emnyangweni owawunikezwe lo msebenzi futhi ucela ufike emahhovisi kusasa (ngoLwesibili)."

UGumede akashongo ukuthi ngobani abahlinzeki.

Uphinde wathi ngeke akwazi ukuqinisekisa ukuthi ukhaphethi wawunjani nokuthi wawumkhulu kangakanani.

Umholi we-DA eThekwini, uZwakele Mncwango, uthe lokhu akuhlukile nokuthela iSilo samaBandla ngehlazo.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.