Accra - Kubikwa ukuthi umastende
waseGhana ushaye wabulala isiqashi sakhe ekhanda ngoba singazange silishaye ithoyilethi
ngesikhathi siqeda ukulisebenzisa.
Ngokombiko weGhana Web, uNana Konadu,
ushone ngemuva kwezinsuku ezintathu kwenzeke isehlakalo.
UKonadu kuthiwa uvele wathuka umastende, obizwa
ngo-Oppong, ngesikhathi embuza ukuthi kungani engalishayanga ithoyilethi.
OLUNYE UDABA: Obezenza ummeli uboshwe esewinise inqwaba yabantu emacaleni
Lokhu kucasule u-Oppong, ovele washaya isiqashi
ngento esansimbi ekhanda.
IGhana live, ithe umufi ubekhohlwa njalo ukushaya ithoyilethe uma eqeda
kulisebenzisa.
UKonadu ushonele esibhedlela sendawo. Kuthiwa ubekhala kabi ngezinhlungu
ngemuva kwesehlakalo.
Kubikwa ukuthi umastende wabaleka kanti usagcwele izinkalo.