Umastende usolwa ngokudlwengula ingane maqede wayipha u-R5

2017-08-02 18:00

Cape Town - Ithola ukwelulekwa ngokwengqondo intombazane, 6, kulandela izinsolo zokudlwengulwa ngumastende womndeni waqeda wayinikeza imali engu-R5, kusho uMnyango wezokuthuthukiswa komphakathi eWestern Cape ngoLwesithathu.

Umsolwa, 53, waseBonteheuwel indawo engamakhilomitha ngu-15 empumalanga yeKapa, kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseBoshop Lavis ngoLwesine ngemuva kokuboshwa ngesobnto eledlule. Umsolwa uvele enkantolo okokuqala ngoMsombuluko.

"Kusolwa ukuthi lesi sehlakalo sokudlwengula senzeke emzini womsolwa, lapho okuhlala khona le ngane nomama wayo," kusho uNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi u-Albert Fritz esitatimendeni.

OLUNYE UDABA: Kudlwengulwe ingane, 4, esibhedlela eKZN

"Umama wale ngane owabikela amaphoyisa ngodaba, ngemuva kokuthola ingane nomsolwa ethoyilethi lasendlini enkulu. Kufanele lo mama ashayelwe ihlombe ngokufika asheshe afune ingane yakhe ngesikhathi ithatha isikhathi eside kubuya lapho eyayithunywe khona."

UFritz uthe lesi senzo salo mama kungase kube yiso esivimbe ukuba le ngane iphinde ihlukunyezwe.

Unxuse amaphoyisa ukuba enze uphenyo olunzulu, okubalwa kulo izinsolo zokuthi le ndoda yanikeza le ngane imali engu-R5 "ukuze ingaludaluli udaba noma ekwazi ukuyinukubeza".

UFritz ucele ukuba abazali baziqaphele ngeso lokhozi izingane zabo.

Osonhlalakahle bazolulela le ntombazanyana ngokwengqondo baseke nabomndeni, kuqinisekisa uFritz.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.