Johannesburg - Kubikwa ukuthi iMaritzburg United kungenzeka ukuba sekusele kancane ifinyelele esivumelwaneni noThemba Shabalala, ngenhloso yokwengeza isikwati sayo ngaphambi kokuqala kwesizini entsha.
UShabalala uphelelwe yinkontileka yakhe neqembu leFree State Stars.
Nakuba imithombo yeSiya Crew iveza ukuthi lo mdlali ubesangahlala kuleli qembu laseBethlehem, uthathe isinqumo sokuthi usefuna ukuqhubekela phambili.
Funda nalolu daba: Usevelile owesifazane osolwa ngokushushumbisa umuntu eKZN
Kubikwa ukuthi uShabalala maningi amathuba okuba ajoyine iMaritzburg, njengoba umqeqeshi u-Ernst Middendorp ezimisele ngophinde ahlangane nalo mdlali kuleli qembu laseKZN.
“IFree State Stars isibuyile ekhefini kanti isiqalile ukuzilolonga ngaphansi komqeqeshi wayo omusha (uDenis Lavagne) noBradley Carnell. UThemba Shabalala ubengekho ejimini. Ngizwile nami ngeMaritzburg, nokuthi angase ayodlalela leli qembu,” kusho umthombo.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).