Umazisi wami uveza ukuthi ngashonela eShowe

2018-01-18 18:00

eThekwini -  UNtombifuthi Msane,46, waseMboza kwaMhlabuyalingana, enyakatho nedolobha leTheku uthi izinkinga zaqala mhla abasebenzi bakwa-Sassa bamtshela ukuthi akaye kwaNdabazabantu ngoba kukhona okungahambi kahle.

"Ngathi ngifika ngatshelwa ukuthi ngashonela eShowe ngenyanga ephelile."

Uthi wazama ukubachazela ukuthi akakaze aye nakuya kuleyo ndawo futhi yena uphila saka.

"Bangitshela ukuthi kungcono ngibuyele ekhaya ngibuye encwadi efungelwe eqinisekisa ukuthi ngisaphila, incwadi yenduna kanye necwadi ebuya esikoleni engafunda kuso ibanga 1 ukuze ngizosizakala, ngivuswe kwabafileyo,"kusho yena.

Uthi abasebenzi balo mnyango babenozwelo kakhulu kuyena futhi baqinisekisa ukuthi konke kuzolunga ngezinyanga eziyisithupha.

OLUNYE UDABA:Kuthiwa akalande irejista yesikole ofuna umazisi

UMsane uthi wayecabanga ukuthi konke kuzobe sekulungile ngo-Ephreli wangonyaka odlule, kodwa namanje usalindile.

Uthi lokhu kwenza impilo yakhe ibenzima kakhulu ngoba unezingane ezincane okumele azondle kanti njengoba engasebenzi, uthembele emalini yesibonelelo sikahulumeni ukondla lezi zingane.

Okhulumela uMnyango wezaseKhaya uCyril Mncwabe uthe baqale benze uphenyo kuqala ngezimo ezifana nalezi ngoba basuke bakholwa wukuthi kukhona owenze lokhu ngenxa yezizathu zobugebengu.

"Ngizophenyisisa ngodaba lwakhe ngokushesha,"kusho yena.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.