UMbalula akangazami ukuphatha i-ANCYL esesethuneni – Maine

2017-06-20 12:30

Johannesburg – I-ANC Youth League ithi isakholwa ukuthi ilungu le-NEC ye-ANC neliphinde libe nguNgqongqoshe wezamaPhoyisa, uFikile Mbalula, kumele abe ngesinye sezikhulu eziphezulu eqenjini, yize noma kubukeka sengathi akafune lutho oluzomhlanganisa nalokho.

Lolu phiko, olukhethe abaholi elifuna baqhoqhobale izikhundla eziphezulu ku-ANC uma ngabe sekukhethwa abaholi engqungqutheleni yesi-54 yokukhetha ubuholi ngoDisemba, luthe lufuna abaholi abayisikhombisa abasha ezikhundleni ebuholini obuphezulu – nalapho kuzokwakhiwa isikhundla esisha sikaSekela Nobhala Jikelele – nokuyisikundla abafuna siphathwe nguMbalula.

Lolu phiko lweseka lowo owayenguSihlalo we-African Union Commission, uNkosazana Dlamini-Zuma, ukuthi athathe izintambo kulowo owabe engumyeni wakhe ngaphambilini, uMengameli Jacob Zuma, njengoMengameli weqembu.

Ngaphezu kwalokho lufuna osihlalo bezifundazwe, uDavid Mabuza kanye no-Ace Magashule, ukuba bathathe izikhundla zokuba ngoSekela Mengameli kanye noNobhala Jikelele ngokulandelana kwabo.

OLUNYE UDABA: I-ANCYL ishayele uMkhwebane ihlombe ngombiko wakhe ngo-Absa

Kodwa-ke uMbalula akaboni kanjalo njengoba kuthe ngesonto eledlule washiya angalazi ngoMagashule kuTwitter nalapho ethe asimfanele nakancane lesi sikhundla futhi “le ndoda izoqeda lokho osekusele embuthweni wethu. Izowubulala empeleni.”

Ukuphawula kukaMbalula akwehlanga neze kahle kuMengameli we-ANCYL, uCollen Maine.

“… ukwehlisa elinye i-comrade njengoaba enzile [ngo-Ace] – angicabangi ukuthi kuhle. Sisakholwa ukuthi u-Ace angeke ayibulale i-ANC. Uma ngabe uMbalula no-Ace benomlando wabo wezinkinga eFree State lokho akusiyo inkinga yethu,” usho kanjalo.

Ekhuluma nezintatheli ehhovisini lakhe ngoMsombuluko, uMaine uxwayise uMbalula ngokuthi angalinge azame ukuhola lolu phiko lwentsha ngisho “esesethuneni”, wathi walithola ithuba lakhe lokuba nguMengameli we-ANCYL.

Uthi kubacacele ukuthi uMbalula akazimisele ngalesi sikhundla, wathi i-ANC inenqwaba yamalungu abangakhetha kuwona uma ngabe uMbalula engasithathi isikhundla.

Kodwa-ke uMaine ukuqinisekisile ukuthi basazozama ukuxoxisana noMbalula ngalolu daba. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.