UMbalula kumele angenelele ngokushesha kokwenzeka eMnambithi - DA

2018-01-08 12:30

Durban - I-DA isikugxekile ukuvalwa kwemigwaqo engenela eMnambithi kanye nokokhelwa ngomlilo kwamabhasi okwenzeke namhlanje ekuseni nayizolo ebusuku kuleliya dolobha.

Lokhu kuza ngemuva kwesinqumo sikaNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal, uMxolisi Kaunda, sokumisa ukusebenza kwamatekisi angaphansi kososeshini abehlukene kuleya ndawo.

I-DA ithi vele yayazi ukuthi isinqumo sikaKaunda ngeke siphethe kahle.

"I-DA ngoDisemba yakhipha isexwayiso ngokumiswa kokusebenza kwamatekisi yathi akusona neze isisombululo kulandela ukubheduka kodlame nezigameko zokubulala, okuyamaniswa nabanye ososeshini bamatekisi," kusho owe-DA oThukela, u-Alf Lees.

Uqhube ngokuthi lesi sinyathelo sikaKaunda silethe ubunzima kuMasipala waseMnambithi kanye nowase-Afred Duma, saphinde saba nomthelela ongemuhle kwezomnotho kuleya ndawo.

OLUNYE UDABA: Kumiswe ukusebenza kwamatekisi eLadysmith

ULees ukhuluma kanje kulandela imibiko eveza ukuthi kume nse yonke into eMnambithi njengoba ababhikishi bevale imimgwaqo engenela kuleli dolobha baphinde bokhela ngomlilo amabhasi njengoba kulungiselelwa ukuqala konyaka.

"Ukumiswa kwezinkumbi zamatekisi ayamaniswa nososeshini ababili abathintekayo akusona neze isixazululo njengoba kuchaphazeleka nabashayeli abangenacala futhi abangaxhumene nodlame oluqhubekayo," esho.

Kuthe ngesonto eledlule, amaphoyisa avimbela abantu abebesebenzisa amaveni abo ukuthutha abantu ukuba baqhube lo msebenzi.

ULees uthi sekuyisikhathi manje sokuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula angenelele kulesi simo esibukeka sizongalawuleki uma singanqandwa ngokushesha.

IZITHOMBE:


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.