'UMbalula kuphela onamandla okuthumela amaphoyisa athe xaxa kule ndawo'

2017-10-03 14:00

Cape Town - UNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula nguye kuphela umuntu onamandla okuthumela amaphoyisa athe xaxa ePhilippi East, futhi lokhu kumele akwenze ngokushesha, kusho umholi womphakathi ophinde abe ngusopolitiki ngoLwesibili.

"UDan Plato, onguNgqongqoshe wezokuPhepha esifundazweni, akanawo amandla okuyalela amaphoyisa ukuba enzeni. Ngungqongqoshe kazwelonke kuphela onalawo mandla," kusho uNceba Hinana, ophinde abe yilungu le-DA esiShayamthetho sesifundazwe.

"Amaphoyisa angamarisevu awasekho, kanti futhi nala maphoyisa akhona awenele," kusho uHinana, ongomunye wabantu abalinde uMablula ukuba atheleke esiteshini samaphoyisa.

OLUNYE UDABA: UMbalula uzovakashela imindeni yabangu-11 abadutshulwa babulawa

Uhambo lukaMbalula luza ngemuva kokubulawa kwabantu abangu-11 abadutshulwe eMarikana, okuyindawo esondelene kakhulu nesiteshi samaphoyisa esisePhilippi East, ngoLwesihlanu ebusuku.

UHinana uthi kuyadida ukuthi amaphoyisa wonke athuthelane edolobheni eKapa bese kungasali lutho kwezinye izindawo ezifana noPhilippi East.

Uthe bakhona abantu abanekhono abangasiza.

"Inani lamaphoyisa kumele lenyuke, futhi lokho kumele kwenzeke manje," esho.

Omunye umholi womphakathi uJoseph Makeleni uthe izakhamuzi zasePhilippi East azisawethembi amaphoyisa, zifuna kungenelele umbutho wezempi.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.