UMbalula udumele ngephoyisa elibulewe yisiboshwa

2017-09-04 16:01

Johannesburg - UNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula uthe udumele kulandela ukubulawa kwephoyisa lesifazane esiteshini samaphoyisa KwaMhlanga, eMpumalanga.

Kusolwa ukuthi leli phoyisa lihlaselwe yisiboshwa ngempelasonto.

Amaphoyisa athi lesi siboshwa sizenze olele ngesikhathi iphoyisa, uColonel Sibongile Vilakazi, lisilethele amaphilisi nempahla esitokisini.

OLUNYE UDABA:Kubulawe iphoyisa lihambisa isiboshwa

Kusolwa ukuthi lo wesifazane ugxume embhedeni, wagxavuna iphoyisa ngezinwele wase elingqubuza odongeni ngekhanda ephindelela.

Owamaphoyisa uVuyo Mhanga uthe: "UVilakazi ukwazile ukubaleka, ozakwabo base bebiza i-ambulensi. Uhlonzw njengoshonile khona endaweni yesigameko ngesikhathi sekufika abosizo lokuqala."

UMhanga uthe akukhona okokuqala umsolwa ehlasela iphoyisa.

UNgqongqoshe ube esesebenzisa ithuba ukuxwayise izigebengu ngesikhathi kunomcimbi ngempelasonto ePitoli.

Kuvele ukuthi sekubulawe amaphoyisa angu-40 esemsebenzini phakathi kuka-Ephreli 2016 noMashi 2017.

UMbalula uthe ngeke bazincenge izigebengu.

"Noma ngabe zikuphi, kufanele zazi ukuthi siyeza. Sizozithola, sizoziqeda emgwaqeni sizikhiphe nalapho zicashe khona."

 - TWITTER:

 - EWN


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.