UMbalula ukhala ngezibhamu ezingekho emthethweni

2017-08-06 11:03

Johannesburg – Ungqongqoshe wamaphoyisa uFikile Mbalula uzwakalise ukukhathazeka ngesibalo sezibhamu ezingekho emthethweni ezisetshenziselwa ukwenza amacala ezweni lonkana.

Lokhu kulandela ukubulawa komlingisi uDumi Masilela odutshulwe ngesikhathi izigebengu zizama ukuduna imoto yakhe eTembisa ngesonto eliphelile.

Ngasekuqaleni konyaka, lowo owayengumlingisi weGeneration, uMandla Hlatshwayo, naye wadutshulwa wabulawa ezama ukuvikela owesifazane owayebanjwa inkunzi.

UMbalula phambilini uthe iNingizimu Afrika idinga olunye uhlelo lukashwele wezibhamu, oluzonikeza ithuba abanikazi bezibhamu ezingekho emthethweni ukuba bazibuyisele emaphoysieni ngaphandle kokushushiswa.

OLUNYE UDABA: Kushone 3 wabantru imoto ishayisa isihlahla

Khonamanjalo, amaphoyisa aseGauteng athi alandela umkhondo ukuqinisekisa ukuthi bayaboshwa ababulali baMasilela.

Amaphoyisa aseyitholile imoto yohlobo lwe-Jeep emnyama okukholakala ukuthi yasetshenziswa kubulawa uMasilela.

UKay Makhubele uthi imoto yohlobo lwe-Jeep yayidunwe eDaveyton.

“Okwamanje bekungakaboshwa muntu. Sicela noma ngabe ngubani onemininingwane ukuba aphumele obala ukuze kuboshwe abasolwa.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.