UMbalula usucele usizo lombutho wezempi ekulwisaneni nobugebengu

2017-10-11 09:20

Cape Town – UNgqongqohe wamaPhoyisa uFikile Mbalula usecele iSA National Defence Force (SANDF) ukuba ifake igxalaba ekulweni nobugebengu eWestern Cape naseGauteng.

Lokhu kumenyezelwe ngesitatimende ngoLwesibili ebusuku.

IWestern Cape ibhekene nengwadla yokuqubuka kodlame lwezigelekeqe oseludlule nemiphefumulo eminingi.

Izakhamuzi ezindaweni okudlange kuzo lezi zigelekeqe sekuphele iminyaka eminingi zicela ukuba kutshalwe umbutho wezempi kulezi zindawo ukuze kulwisanwe nalolu dlame. UNdunankulu uHelen Zille naye wake wasiveza lesi siphakamiso.

Nokho ngo-2015, uMnyango wamaPhoyisa wathi awukholelwa ekutheni ukujuba amasosha kulezi zindawo kuzothulisa udlame.

OLUNYE UDABA: UMbalula uphika eyokusebenzisa ulimi oluqojeme

Ngawo lowo nyaka, amasosha ajutshwa okwesikhashana ezindaweni ezithile, okubalwa iManenberg, okungenye yezindawo ezithathwa njengezingokalubhadwa ngenxa yodlame lwezigilamkhuba.

NgoLwesibili ebusuku uMbalula uchaze iWestern Cape neGauteng “njengezindawo ezinenkani ezingakhucululeki ubugebengu”.

“Sesinqume ukuthi kube khona izinyathelo ezithathwayo ukuze sikwazi ukulwisana nobugebengu obukhona,” kusho isitatimende.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.