UMbalula uthi abangamfuni uZuma kwi-ANC abahambe, zizovalwa izikhala zabo

2017-10-01 17:47

Durban – UNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula ugxeke labo abathi bafuna ukusindisa iNingizimu Afrika kodwa kungekho abakwenzayo ngenkinga yokwentula kwemisebenzi.

Usho kanje ngesikhathi ekhuluma eralini ye-ANC Youth League KwaDukuza, KwaZulu-Natal ngoMgqibelo.

UMbalula uthe kunabamabhizinisi kanye nabantu abehlukene okuyibona abalawula umnotho abangafuni kodwa ukusiza uhulumeni ekwakheni imisebenzi.

"Abantu bethu baphila ngesibonelelo sikahulumeni,” kusho uMbalula, ophinde wathi nakuba bengu-10 million abantu abasha abangasebenzi – kodwa abantu bathi bafuna ukusindisa iNingizimu Afrika bengenzi lutho ngodaba lwemisebenzi.

UMbalula uphinde wabuza ukuhti kungani kugxekwa uMengameli Jacob Zuma ngokukhetha ongqongqoshe abafunwa nguyena.

OLUNYE UDABA: Kubulawe oweisifazane nendodakazi yakhe

"Abanye bathi [emaralini abo] abamfuni uZuma – kodwa bayaqhubeka nokuhlala ngokunethezeka kwiKhabhinethi…Uma befuna ukushiya, abashiye, bakhona abazongena ezikhundleni zabo. Sinamalungu amaningi.”

Uthe ngesikhathi umengameli Thabo Mbeki ecelwa yi-ANC ukuba esule esikhundleni, maningi amalungu ahamba kodwa ezikhundleni zawo kwafakwa abanye, njengoba abanye nje manje bezama ukubuya.

UMbalula uthe i-ANC ayikaze ihambisane nenkohlakalo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.