'Umbango wezikhundla zamakhansela yiwo odala ukubulalana eKZN'

2017-03-30 16:11

Durban – Umbango wezikhundla zamakhansela kwi-ANC ngesinye sezizathu zokubulalana kosopolitiki KwaZulu-Natal, lokhu kutshelwe iMoerane Commission ngoLwesine.

Kusukela ngo-2011, bangaphezu kwabangu-80 abantu ababulawa ngezigameko ezihlobene nezepolitiki esifundazweni.

Izisulu zihlanganisa amalungu eqembu, amakhansela nalabo ababengenele izikhundla zokuba amakhansela, kusho ingqapheli yodlame KwaZulu-Natal uMary de Haas etshela ikhomishini.

UNdunankulu Willies Mchunu wasungula ikhomishini, okungu-Advocate Marumo Moerane usihlalo wayo, ukuba iphenye ngokubulalana okuhlobene nezombusazwe esifundazweni kusukela ngo-2011 kuze kube manje.

OLUNYE UDABA: Angifuni ukungenela umbango wesokuhola i-ANC - Motlanthe

UDe Haas uthe ezinye izigameko zokubulalana zenzeke emahostela, okubalwa kuwona elaKwaMashu naseGlebelands eMlazi.

Kuthiwa kwakuthengwa izinkabi ukuba zibulale abantu esifundazweni.

Uphinde wathi ukubulalana okuhlobene nezombusazwe eGlebelands kuqale ngo-2014, ngesikhathi abanye abaholi beCope abahlala khona sebebuyela kwi-ANC.

Uthe kuze kube manje akekho noyedwa oseke walahlwa yicala ngezehlakalo zaseGlebelands, ngenxa yokuthi amanye amaphoyisa aseMlzzi ayakhokhelwa ukuba angawanaki amacala.

Ngesikhathi iNational Freedom Party iqembuka kwi-IFP, kwaqala ukubulalana ehostela laKwaMashu, kusho uDe Haas.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.