Umbani ushaye esikoleni esise-KZN, kwasha amakilasi

2018-03-07 18:00

Escourt - Kushe ubuhanguhangu amakilasi amane kamatikuletsheni esikoleni i-Escourt Secondary ngemuva kokuba lesi sakhiwo sishaywe wumphezulu.

Umphezulu ushaye ngesikhathi kunesiphepho ngoLwesibili ebusuku, kwabe sekusha impahla ebisemakilasini okubalwa kuyo; izihlalo, amatafula, izincwadi namaphepha okuhlolwa kwabafundi abangu-180 abenza umatikuletsheni.

Uthishanhloko uMarilyn Jordan, uthe nakuba iziphathimandla bezisaphenya imbangela yokusha, uphenyo lwakamuva luveza ukuthi umlilo uqalwe wumbani oshaye ngezithuba zabo-23:00.

OLUNYE UDABA:Kushe kwangqongqa amakilasi amane esikoleni esiseN West

"Kuthathe isikhathi eside ukuthi umlilo ucishe," kusho uJordan.

UJordan uthe amaphepha okuhlolwa kwabafundi ashile okusho ukuthi kuzofanele baphinde bahlolwe.

"Silahlekelwe amaphepha okuhlolwa kwabafundi abenza umatikuletsheni abesemakilasini, omunye wothisha ubenamaphepha angu-500 abekhiyelwe ekhabetheni kwelinye lamakilasi.

"Sekuzodingeka ukuthi la maphepha abhalwe kabusha uma isikhathi sesikhona," esho.

Uthe okwamanje bakwazile ukufaka ikilasi elilodwa endaweni okwakuhlala kuyo abafundi esikoleni.

UJordan, uthe lesi sikole sisiza abafundi abaqhamuka emakhaya ahlwempu bangamukela noma yiluphi uhlobo losizo lokwakhiwa kabusha kwamakilasi.

 - Ivideo:

 - Iol

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.