Umbiko uveza ukuthi izinkulungwane 'zathenga iziqu ezingumbombayi' e-UniZulu

2016-07-31 14:06

Johannesburg – Uphenyo olwenziwe e-University of Zululand, KwaZulu-Natal, lutshengise ukuthi kungenzeka ukuthi abantu abangaphezulu kuka-4 000 bakhokhela iziqu ezingumbombayi kule minyaka engu-20 eyedlule.

Umbiko weSunday Times uthi le nyuvesi ibambe umhlangano ngoMsombuluko, lapho izikhulu ziphakamise ukuthi kuphenywe iziqu zeLaw, Business Management, Public Administration neze-Education.

OLUNYE UDABA: Injabulo okamaskandi ethweswa iziqu zobuthishela

Izitshudeni zamanje nesezagogoda zisabise ngokukhipha amagama alabo abathenga iziqu KwaDlangezwa naseRichards Bay.

Ngokusho kwaleli phephandaba, izisebenzi ezimbili zase-UniZulu zaxoshwa ngenyanga eyedlule ngoba kutholakala ukuthi ziyathinteka kulo mkhonyovu.

Kuthiwa akukhona okokuqala le nyuvesi isolwa ngokudayisa iziqu njengoba ngo-1997 kwaxoshwa izisebenzi ezinhlanu ngemuva kokuthi uphenyo lwatshengisa ukuthi zenza imali elinganiselwa ku-R260 000 zidayisa iziqu ezingumbombayi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.