Umbimbi lutshele uZuma ukuthi kumele aluthinte uma ethatha isinqumo sokuguqula iKhabhinethi

2017-10-27 18:00

Johannesburg - UMengameli Jacob Zuma uthole ukugxekwa emhlanganweni womkhandlu wombimbi obuholwa yi-ANC ngokungawathinti amalungu amadlelandawonye uma enza izinguquko kwiKhabhinethi.

UNews24 uyakuqonda ukuthi amalungu ombimbi, i-SACP nomfelandawonye wabasebenzi iCosatu, awazange akufihle ukugxeka kwabo uZuma ngesikhathi ethatha isinqumo sokuguqula iKhabhinethi engawazisanga.

Isitatimende esikhishiwe kulandela lo mhlangano wangoLwesine siyakuqinisekisa ukuthi kubhungiwe ngendaba yokuguqulwa kweKhabhinethi.

"Amalungu ombimbi agqamise ukubaluleka kokuxhumana nawo ukuqinisekisa ukuthi nawo asenalo igunya lokuphonsa itshe esivivaneni uma kuthathwa izinqumo ezimqoka," kufundela isitatimende.

OLUNYE UDABA: Hlukanani ne-ANC, i-SAPC itshela umndeni wakwaGupta

UZuma waxosha uNgqongqoshe wezeziMali uPravin Gordhan nesekela lakhe uMcebisi Jonas ngoMashi wabe esefaka amasondo uNobhala Jikelele we-SACP uBlade Nzimande ngesonto eledlule, nokungumnyakazo owagqamisa ukushuba kwesimo kumbimbi.

I-SACP, iCosatu neSouth African National Civic Organisation basho ngaphimbi linye ukuthi uMengameli Zuma kumele ashenxe manje esikhundleni.

Umbimbi luthi luzibophezele emihlanganweni embalwa ezolandela lo, njengoba olandelayo uzobanjwa ngoNovemba.

"Amalungu ombimbi avule izifuba azwakalise izikhalazo anazo kwavunyelwana ngokuthi kuzolokhu kuqhutshekwe njalo nokudingida ngalezi zikhalazo abanazo," ngokwesitatimende.

Kulo mhlangano kuphinde kwakhulunywa nangodaba lokubanjwa koMbuso ngobhongwane.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.