Umbono: Abafundi baphawula ngesinqumo se-EFF

2016-08-17 14:30

Durban - Umholi we-EFF uJulius Malema usememezele ukuthi aziphumelelanga izingxoxo zokusebenzisana ne-ANC kanye ne-DA komasipala abasala belenga ngemuva kokhetho.

Ubalule ukungaboni ngasolinye ngemibandela abayibekile, okubalwa ukuthi uMengameli Jacob Zuma ehle esikhundleni

Ngeke sisebenze namuntu komasipala, kusho uMalema. I-EFF izothatha izihlalo zayo komasipala ibe yiqembu eliphikisayo.

I-EFF ayizifuni izindlela ezinqamulelayo, esho.

Usho kanje ngoLwesithathu ntambama njengoba bekulindeleke ukuthi amemezele ukuthi yiliphi iqembu abazosebenzisana nalo.

Abafundi bethi baphawule kanje ngemuva kwenkulunmo kaMalema:

Maqanda Shenge Wenza kahle ngaze bamgubuzele, akanasitha uMalema ukuthi amanyala uyawadalula ngoba akanazo izimfihlo. Azibulalane izingulube ngoba azinagazi zisindwa amafutha ezimfiihlo.

Thulani Mgabhi Kuhle lokho Malema i-ANC igcwele inkohlakalo futhi icwasa ngokwebala!

Mlu Majola Ngo-10% nje usufuna ukudla konke uyabheda, hamba namaphesenti akho, usuzenza umuntu owine ukhetho lukawwelonke. Asinavalo siyibamba ishisa.

S'fiso Buthelezi Bekuvele kwethusa nje ukuthi i-ANC ingacela ukusebenzisana ne-EFF ibahlukumeze kangaka ePhalamende ibashayisa ngnogada belwa nenkohlakalo yaseNkandla.

Jabulan WakwaMvelase Vele uMalema wabamba elikhulu iqhaza ekubekweni kukaZuma kulesi sikhundla ngenkathi kwehliswa uThabo Mbeki njengoba abanye belokhu bebuza ukuthi "kanti wabekwa nguye yini?"

Ntombizodwa Zuke Ey bekuvele nje kuzobanzima ukusebenzisana futhi bengeke kube lula ukuthi bavele bathi akehle esikhundlen uZuma.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.