UMBONO: 'AbaseNquthu badle amaphasela okudla base bavotela indlovu'

2017-05-25 14:01

Durban – Liphendulwe ihlaya iqembu elibusayo, i-African National Congress (ANC) ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukuvela kwezindaba zokuthi izimbangi zalo, Inkatha Freedom Party (IFP) izidlele amahlanga okhethweni obelubhekwe ngabomvu lokuchibiyela kuMasipala waseNquthu.

Abengu-14 amaqembu abengenele ukhetho kulo Masipala nalapho iNkatha ikhale yemuka namawadi angu-14 kwangu-17, kwathi uKhongolose wona wathola amathathu nje kuphela.

Abengu-14 amaqembu abengenele ukhetho okubalwa neDA, i-EFF, iNFP kanye neBLF.

Abanye abantu benze ihlaya ngokuthi uKhongolose ubunika abantu amaphasela okudla ngoba uncenge amavoti kodwa bangawuvotela khona kunjalo.

OLUNYE UDABA: I-IFP idle umhlanganiso eNquthu

Zifundele imibono eyehlukene yabafundi beZindaba24 kulandela ukuvela kwezindaba zokuthi iNkatha isiwudlile umhlanganiso.

Buyi Mahaye - Kazi baphi laba kade bebhuqa oKhozini izolo kubasiki bebunda? Cha ngiyanivuma bantu baseNquthu. Nivele nidle amaphasela okudla bese nizithulela. Nifike nithi Zaka zaka eduze nendlovu. Siyabonga IFP.

Mpumi C Mbambo- Titititi! Imilomo tu ngisho abezindaba abasho lutho. Siyabonga ku-admin weNews24 ngoba abaka-SABC basaziluma amanxeba ngo-ANC wabo oluzile bathule tu. Halala IFP, halala.

Malobola NgeInstalment Nkosi - Ngidlulisa amazwi enduduzo ku-EFF ngibone ngeSonto eledlule eNgquthu benikeza abahlali izingubo eholo. Tl tl tl tl tl tl tl.

Bheki Gift Ndlovu - Ihlazo leli bantu baseNquthu. Nivotele iNkatha iqembu eladayisa ngathi bantu abamnyama emaBhunwini. Intuthuko nizoyizwa ngendaba, kungcono ukube nivotele uKhongolose.

LLsk Zulu - Kungcono nokube kuwine iDA noma i-EFF iNkatha ayiyilethi intuthuko komaspala bayo balitshalwa ukunaka iClean Audit, kunini nje bayiphatha iNqutu kodwa namanje siyasokola.

Mchunu Innocent - Awu zamnandi izindaba zanamuhla siyabonga kakhulu kwizakhamuzi zaseNquthu ngokungalutheki sengathi bonke abantu bangabonela kubo kubuyiswe isifundazwe sakithi lesi esebashintsha basenza intando yabo ngamanga nangenkohlakalo enuka phu.,Sithi Shenge ungowethu, sihole baba sisazokulandela.

Lufuno Mudau - Ingathi 2019 indodada ka Nkulunkulu isizobuya manje... Abantu sebevuleke amehlo badlile ama-food parcel baqeda bavotela izindlovu ezinthathu...phansi ngenkohlakalo, phanzi...

Daliwonga David Duma - Woza 2019 sizobona abaholi abaqotho nabathembekile, Kanti ontabakayikhonjwa bamaphasela okudla ayibasebenzelanga yini? Useyabuya uJesu njengoba basho. 

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.