Umbono: ‘Akakhulumanga kahle ungqongqoshe ngamanesi’

2016-05-17 13:29

Johannesburg - UNgqongqoshe wezeMpilo u-Aaron Motsoaledi uhlikihle usawoti esilondeni ngesikhathi ephawula wabiza amanesi asezibhedlela zikahulumeni “ngosathane abamgqoke ezimhlophe”.

Abafundi bethu bathi ungqongqoshe bekungamele aphawule kanje.

Nakhu ukuphawula kwabo ngalolu daba:

Makhosazane Amabhakhaniya Hlongwane Ewu kubuhlungu ngoba kukhona abanempatho kodwa ngenxa yalaba abanosathane sebebopheka ngabhande linye. Omunye nje ngesonto eledlule ngihambise usbali wami edutshuliwe ungibuza ukuthi manje ngigijimelani nohlaka.

Bongeka Cele Vele onesi bawosathane kodwa hhayi bonke, abanye bawenza ngendlela umsebenzi. Ukube kuthiwa akulona iqiniso leli elishiwo ungqongqoshe ngabe sebetelekile. Kuhle ngoba uyababona kwayena, ungazi ukuthi umuntu wayephoqiwe yini ukuthi enze lo msebenzi.

Nunu Witness Ngwazi Sengathi angateleka amanesi, sibone ukuthi ngeke nibadinge yini labo sathane enibashoyo. Lo ngqongqoshe enimesekayo uma egula naye unakekelwa ilabo sathane.

Nonhle Mteshane Khona abagula behamba kuyimanje badinga usizo lamanesi kodwa kifikifi la bebhala ukweyisa. Kazi wena kowakho umsebenzi wenzenjani ngelosi enkulu. Anisiyeke ngengevu nathi singabantu njengabobonke.

Mcabangiseni Doncabe Usathane omkhulu nguye ungqonqoshe. Kungani engaxhumananga nezinhlaka ezimele onesi kumbe izikhulu zoMnyango wakhe zenze imizamo yokufaka emgqeni amanesi aphambana nemigomo ababekelwe yona. Akusiwo amazwi angaphuma kumholi lawa!

 

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.