UMBONO: Alikho ihlazo ngokuthandana nendoda engasebenzi

2017-07-17 18:01

Durban - Kusuke enkulu inkulumompikiswano kulandela uhlelo lwemishado i-Our Perfect Wedding lapho kuvele ukuthi umakoti nguye kuphela osebenzayo futhi unemoto kanti umkhwenyana yena akasebenzi.

Lezi zithandani zikubeke kwacaca ukuthi akusiwona wonke umuntu ujabulela uthando lwabo futhi bakhona abebebona sengathi umakoti akamfanele lo mkhwenyana.

Le yinkinga ebhekene nabantu abaningi abathandanayo nasebashadile. Babodwa abathi abasoze bahlala namadoda angasebenzi. Babodwa abathi uthando luhamba lodwa ngakho malungadidaniswa nemali.

Umbuzo wabanye besifazane ubuthi uma indoda ingasebenzi, bazodlani? Bazogqokani? Futhi uma belokhu bewondla okho kuyoqhubeka kuze kube nini?

Amadoda wona akhala ngokuthi kanti u-50/50 usebenza uma kwenzenjani ngoba wabekelwa izimo ezifana nalezi.

Kungani imali sizoyinika indawo enkulu othandweni bese uthando luthola isikhala esincane.

Ngabe yiso isimanjemanje esesashintsha izinto?

Nansi imibono yabafundi bethu:

Mbuso Nkomonde EThaleni ENkandla Alikho ihlazo lapho Admin  baningi engiphila nabo abangasebenzi abathandwayo & nami ngike ngaphelelwa wumsebenzi kwaphela iminyaka emibili kungahlangani kunguye ongizama ngemali yokurenta nokumaketha nami ngizama njengendoda sebengilahlile engangibathwele ngibagqokisa ngibondla ngisasebenza. Kunguye onginika ithemba engeseka kunzima sebedede bonke engangiphila nabo nabafowethu ngaze ngawuthola futhi saqhubeka nempilo. Uma ekuthanda uzoqonda ukuthi impilo ayihlale iyinto eyodwa. Njengoba nezikhathi zonyaka zishintshashintsha nempilo ngokunjalo iyashintsha. Okubalulekile ukuthi uma uyindoda ungathi uzohlala dekle uthi ngoba nakhu kuphelile usuzojika nelanga. Akakubone uzama ukuze akweseke kwazise izikhathi zanamhlanje sezidinga imali. Akumnandi ukuthi uthi uyindoda umuntu wakho abe nekhanda sengathi yisitiluli nje nogogo ngiholile. Phuma uzame noma ungadayisa amatamati ungaphiki nabantu ukuthi bathini uma nje kukhona okuncane okuzamayo kuzowenza umehluko uze uthole okungcono.

Busi Mtshali Ngahlukana nomyeni wami esasebenza wathola ingane entombini. Umyeni waphelelwa umsebenzi wabaleka umama wengane wangibiza umyeni wami ngisebenza sabuyelana ngenxa yokuthi wayevele engondla engenzela yonke into engiyidingayo kumanje ngisahleli naye ngiyamondla noma engasasebenzi, uthando lwangempela.

Andile Fah Mzobe Ngiktshela nje ukuthi baningi abaqwayizi abangaphumele obala lana abafuna ukufeza izidingo zabo ngathi bebe besebenza athi umuntu akayifuni indoda engasebenzi kodwa ajike akubhangqe nendoda engasebenzi mina sengisaba nokuganwa ngoba osisi bakubeka ngokusobala ukuthi abafuni uthando bona bafuna imsebenzi.

Andile Fah Mzobe Mxm ave nizitshela ukuthi nisile makufanele kushawe imithetho noma nishayelwe imithetho niyabazisa o-50/50 uma kufika ngasemalini indoda iyinhloko yekhaya hhaybo ningadlali ngamadoda nina mina ngithanda umuntu ofuna ukuthandwa ay lo ofuna ukukhetha ngoba uze ngezinhloso ezithize ngixakwa nalaba abafakazisa lodoti akaze ngiyafisa aphelelwe imisebenzi khathi azobona ubunzima obubhekene nabanye abafethu la emnyango bafuna amadoda asebenzayo nje aqede ayijolele nendoda engasebenzi.

Ntomby Mazikode Mashenge Masibalkhulu Kunzima ukuba indoda ngoba uma ingasasebenzi incishwa ngisho inkonzo yasekamelweni okulandelayo ilaliswe ekamelweni lezingane. Angisayiphathi eyenhlonipho iphela nya kumuntu wesifazane kodwa mhla beshada wenza izifungo wathi ebuhleni nasebubini kodwa uyena ohluleka kuqala umuntu wesifazane.

Nkosinathi Sakhile Mkhize Wasimela admin Siyabonga. Bakhona osisi abathi ngeke bathandane nendoda engasebenzi esho eyizumba ukhohlwe ukuthi ngabe imukela esekufikile ngoba hai awuphiwe ngobuhle

Sthembiso Thango Sakubona sakubeletha thina madoda, kodwa abasagani nje bagugela emakhaya kumele bezinuke bona amakhwapha, kusizani ukulobola ijuba elizokundizela ngelinyilanga mhla kwabheda kwamlungu, sekukaningi ngizwa amadoda ekhala ngamakhosikazi awo ethi kuphele umsebenzi kwaphelu mshado.

Biela Menziwa Uthando angeke lwakhokha ilobolo okanye lwakhe indlu ozoba umuzi wenu futhi umuntu uyaguga iminyaka ihamba, ngeke walokhu ugibela ngemali yakho makumele kubonanwe. Indoda engasebenzi ayithole intombi engasebenzi baqale impilo kabusha bobabili ngaphandle kokuthi umsebenzi umphelele vele nindawonye, salani seniqhubeka.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
 

How your dog can tell what you’re feeling

Researchers have found a specific area in a dog’s brain that recognises human faces – a finding that may help to explain why dogs are so sensitive to human social cues.

 

Paws

Share your 67 minutes with animals in need this Mandela Day
Kevin Anderson’s dog is winning at Instagram!
Kim Kardashian-West buys fake testicles to boost her dog’s self-esteem
10 tips on exercising your dog
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.