UMBONO: Basasiphethe ongxiwankulu futhi basishaya ngezinduku zethu

2018-02-19 11:06

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

eThekwini - Abelungu basasilawula futhi basebenzisa abezindaba ukuqinisekisa ukuthi izinhloso zabo ziyafezeka ngokuthanda kwabo.

Baqale bavumelana ngokuthi uJacob Zuma uyinkinga futhi kumele asuswe esikhundleni. Ngokubona ukuthi i-ANC ngeke ikwenze lokho iyodwa futhi namaqembu aphikisayo ayehluleka ePhalamende, kwaqala kwashintsha ukwenza wonke amaphephandaba aqala abika into eyodwa, okubi kodwa ngoMsholozi.

Kangisho ukuthi muhle noma akanasici, kodwa njenganini wonke amaphephandaba ebika into eyodwa akasekho nje oza nokuhlukile?

Bathe besuka bavumelana ngokuphakamisa uCyril Ramaphosa njengomuntu ofanele ukuhola uKhongolose. Bahlaphaza uNkosazana Dlamini-Zuma bamqeda.

Yenzeka intando yabo, wangena uRamaphosa, wagudluka uZuma.

Eqeda-nje ukwethula inkulumo yesizwe sekubuzwa indaba kaMalusi Gigaba. Sebefuna kugudluke yena-ke manje.

OLUNYE UDABA: UMBONO: Yithuba elihle leli lokusimama kwamaqembu afana ne-IFP kanye ne-EFF

Nizothi angishongo, kodwa imibiko esizoyizwa kusukela manje eyokushintshwa kweKhabinethi ikakhulukazi ukukhishwa kukaNgqongqoshe wezeziMali. 

Phela sabona sonke uMsholozi ebaphuca iqatha emlonyeni ngokuxosha uPravin Gordhan nokuyinto eyamdalela amazinyo abushelelezi kanti vele usenyamanambana kongxiwankulu.

Okubuhlungu wukuthi uRamaphosa uhleka nawo wonke umuntu, akakwazi ukushaya phansi ngonyawo. Umuzwa engundaza nje ehleka ubala.

Basasiphethe ongxiwankulu futhi basishaya ngezinduku zethu. Uke wazibuza ukuthi njenganini la bethanda uKhongolose kangaka baze baphakamise uRamaphosa kangaka babhekeni kuye?

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Le ngosi ibhalwe ngu-Nonkululeko Nhlapo @ndunhlapo 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.