UMBONO: Bathi akabuyele e-studio uBabes, ‘asiyeke ngomsindo’

2017-05-29 12:31

Durban – Kuhlukene imibono ezinkundleni zokuxhumana kulandela ukukhalaza kwentandokazi yomculi ephinde ibe ngumdansi, uBabes Wodumo, nozwakalise okukhulu ukungenami ngokungawini kwakhe ngisho neyodwa indondo kuma-2017 South African Music Award (Sama).

UMampitsha, ongumphathi kaBabes  ngaphansi kwenkanpani yakhe iWest Ink, aphinde acule ngokuhlanganyela naye ezingomeni zakhe, naye ukhwele wadilika egxeka ama-awards aseMzansi.

Kwenzeka lokhu nje uBabes ubesevele eke waxwayisa ngaphambilini ukuthi uma eke waphinde wangawina ngisho neyodwa indondo nakulo mcimbi, kuyobe ugcinile ukuhambela umcimbi wokuklomelisa ngezindondo.

OLUNYE UDABA:BUKA: Uthi ugeza izandla uBabes wodumo obuye washweba nakulokhu

Kuzokhumbuleka ukuthi nakuma-Metro FM Music Awards uBabes Wodumo wabuya engatholanga ngisho eyokubika le indondo.

Yize noma bebaningi abalandeli kanye nabaculi abaseka uBabes kwelokuthi kumfanele ukuthola okungenani indondo eyodwa, kodwa abanye bagxeke kakhulu uBabes ‘ngokubanga umsindo’ bathi kufanele abuyele e-studio ayopheka.

Zifundele imibono eyehlukene yabafundi beZindaba24 ecashunwe kuFacebook lapha:

Thamsanqa Terence Thela - Kanti yena ucabanga ukuthi ama-awards awinwa ngokuduma okanye ukuthi ubani uthandana nobani? Ngakho uphambukile sisi. Okwesibili usasemncane kakhulu kule ndima.U-Oskido usebe emculweni amashumi eminyaka kodwa yaba nini iSama yakhe yokuqala??? Ngakho nje sisi buyela emuva e-studio bese upheka okuthile okuvuthiwe ...... bese abalaleli beba ngamajaji. Ungafuni nje ukusibangisa umsindo kubengathi uyazondwa. Bonke abantu abawine izolo kubafanele nawe ingaphakathi lakho liyakwazi lokho.

Nhlanhla Shongwe - Vele abantu bayawuthanda umbhedo ..akahambe ayolalela uSjava..Amanda..Tumi..Black Motion ukuthi yini ukubhala ingoma...ayyy ley'ngoma zabantu abangwinyayo.

Nothile Thihla Khanyile - Ave enesinyama lowo angithi uR Mashesha uhleli kuye wahlukanisa iBig Nuz.

Lwazi Nzulu B Mtolo - Benza engathi bayakuthanda wena Babes Wodumo kodwa abakuvoteli abalandeli bakho bafuna umenyuze kuphela LOL. Nxese sisi umangabe iLamanti ingawayeka amanye ama Awards ingaphazamisi ngabe kuyadlalwa. LOL.

Hlengsh Khune - Vele lama lama awards ayathengwa finish and klaar ngake ngabona berobha u-Elvovo eminyakeni eyedlule bangamnika ngisho eyodwa ekubeni izingoma zakhe zazishisa izikhotha kwawina abangani babo.Mina angeke ngiphinde ngibuke lamas***.

Thabane T-bo Shandu - Wenze kahle wangawina, ukube uwinile baning ebebezogula ngoba abakufuni.

Nhlanhla Shongwe - Ucabanga kuthi uzowina esacula 'uBabes umngani Wami,.. Mampitsha umngani wami’, ‘hawe ilali lale’ umbhedo onje izingoma zamaphara.. zovotelwa angwinya nabo uqo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.