UMBONO: Bayaveva ngesiphakamiso seSABC se-TV licence ye-computer, ifoni neDStv

2017-05-11 12:30

Durban – Iningi labafundi beZindaba24 libhodla umlilo ngesiphakamiso sakamuva seSABC sokuthi kuguqulwe umthetho wezokusakaza (Broadcasting Act) ukuze kuphoqwe abantu ababuka izinhlelo zikamabonakude komakhalekhukhwini, ama-computer, ama-laptop kanye nama-tablet ukuthi bakhokhele ama-TV licence.

Ngaphezu kwalokho le nhlangano yezokusakaza iphinde yaphakamisa nokuthi uDStv kanye nezinye iziteshi zokusakaza ezenza inzuzo ziphoqeleke ukuthi ziqoqele uSABC imali ye-TV licence.

Lezi ngezinye zeziphakamiso ezithuse abaningi nezenziwe yilowo obambe njengeCEO yakwaSABC, uJames Aguma, ngesikhathi iSABC kanye nebhodi elisha lesikhashana bevele ngaphambi kwekomiti lezokuxhumana ePhalamende ngoLwesithathu.

OLUNYE UDABA: U-SABC usufuna ukuphoqa noDStv ukuthi uqoqe imali yeTV licence

Kodwa-ke lezi ziphakamiso azehlanga neze kahle kwiningi labantu bakuleli, okubalwa nabafundi beZindaba24 njengoba bekhala ngezinga eliphansi lezinhlelo zeSABC kanye nenqwaba yezikhangiso zemishwalense abathu bahlale bebukiswa zona.

Zifundele eminye yemibono ecashunwe kuFacebook yabafundi beZindaba24 abebenganeme neze:

Mpume Nkazo KamaBlose Mbatha - Sebedle yonke imali sebeyad… abayicele kaMultichoice angeke sikwaz ukukhokha kabili.

Maureen Hadebe - Asisiza amaChina awabangi scefe uthenga iTV ugoduke basale laba abanesicefe.

Lwazi Nzulu B Mtolo - Bada… labo ngeke sithenge amafoni, sithenge i-airtime siphinde sikhokhe ama-licence.

Bulelani Jiyane - Eyami ifoni ayina TV, kokhokha labo abanama TV efonini.

Sabelo Mthobisi - Kade bezenzela ezimalini zabakhokhintela, beholelana imali eshisiwe, benikezana amabhonasi abasenamali sebezofuna eyethu. Abangadlali ngathi bona and iyangidida lento yokuthi ngikhokhele uMultichoice noSABC kodwa uma ngingamkhokhele uMultichoice iTV ithi ‘no signal’. Kungani uSABC engayifuni kwabe-DSTV ngoba thina sithola sekuyi-package.

Sizwe Nyambose - Kanti 90% awunifakeli mali yini weSABC? Nafuna ukudla thina? Noma senifuna ukuba sezingeni loSuper Sport ngathi? Cha.

Lucky Emmanuel Rhwayiza - Abakhohlwe ngoba vele lama-Tv sesawathenga kumaChina,bona abasale nezinhlelo zabo ezibhorayo nezithombe ezingacacile.

Bay Moloi - Ngisasho futhi ukuthi abeze bazokhipha iSABC yabo kweyami iTV bangishiye namanye ama-channels okungasiwona awabo mina ngingakujabulela ukubona bewa bhu phansi.

Sanele Mtolo -  Kudlalwa ngathi nje njengoba singazi nokuthi ishonaphi leyo mali,sizo thenga amabhomu ke #badlala ngathi nje kushuthi phela uzokhokhela nokuthi uyaphila manje, kanti okhanda pondo baqedelwani makunje?

Nathie Nathie Mabaso - Umbhedo nje loyo bafuna ukuzikhuphulela imiholo,amabhonasi,baqashe abantu abangenamakhono, abangena-matric bese befuna ukuzokoleka kithi bayidle..

Khetty Mthembu Lushozi - Ilicense siyikhokhela ukuthi sibuke uDesmond Dube no Lillian Dube kule advert yakaClientel. Hhay bengazodlala ngathi bona.

Bheksisa Khumalo - Sizowuyeka nawo uDstv, ubani ongakhokhela ukulinda ibhola kuze kube ngu 10 ebsuku sengath isithombe socansi.

Ina Mngadi - Kulula, mina ngizoyeka ukubuka TV, vele ngakhula ngizilusela ingekho naleyonto ekhaya. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.